Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 27:1 - IsiZulu 2020

1 Kwathi sekusile, bonke abaphristi abakhulu namalunga esizwe bahlangana, bakha itulo lokumbulala uJesu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kwathi sekusile, bonke abapristi abakhulu namalunga esizwe benza icebo ngoJesu lokuba bambulale;

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Kwathi sekusile, bonke abapristi abakhulu namalunga esizwe benza icebo ngoJesu ukuba bambulale;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kwathi sekusile, bonke abapristi abakhulu namalunga esizwe benza icebo ngoJesu ukuba bambulale;

Gade chapit la Kopi




Mathewu 27:1
16 Referans Kwoze  

Masinyane, ekuseni, abaphristi abakhulu, amalunga, izazimthetho nomkhandlu wonke bakha icebo, base bembopha uJesu, bamqhuba, bamnikela kuPilatu.


Khona bamhola uJesu esuka kuKhayafase, bamyisa enkundleni yokwehlulela; kwakusekuseni. Kepha bona kabangenanga enkundleni yokwehlulela ukuze bangazingcolisi, kodwa bakwazi ukudla iPhasika.


Kuthe sekusile, kwaqoqana umkhandlu wamalunga abantu, abaphristi abakhulu, nezazimthetho, bamyisa esigcawini somkhandlu wabo omkhulu,


Maye, kulabo abaceba okubi, labo abahlela ukwenza ububi besemibhedeni yabo, kuthi ekuthatheni kokusa bakwenze! Ngokuba kusemandleni ezandla zabo ukwenza lokho.


Amakhosi omhlaba ayazihlanganisa, nababusi baceba icebo ngogcotshiweyo kaSimakade, bathi:


“Maye, kini zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu! Nani aningeni, kodwa abangenayo anibavumeli ukuba bangene.


Sebezwile, bangena ethempelini entathakusa, bafundisa. Kepha kwafika umphristi omkhulu nayehamba nabo, babizela ndawonye umkhandlu namalunga wonke abantu bakwa-Israyeli, base bethumela ejele ukuba balethwe kubo.


USawule wathumela izithunywa endlini kaDavide ukuba zimqaphe, bese zimbulala ekuseni. UMikhali, umkakhe, wambikela uDavide, wathi: “Uma ungayihlengi impilo yakho ngalobu busuku, uzobulawa kusasa.”


AbaseGaza batshelwa ukuthi: “USamsoni ufikile lapha.” Bayizungeza indawo, bamlalela unyendle ubusuku bonke, esangweni lomuzi. Bathula ubusuku bonke, bethi: “Masilinde kuze kube nokukhanya kokusa, bese siyambulala.”


Ngokuba ngikuzwile ukuhleba kwabaningi, nokwesabisa nxazonke. Baceba amacebo okumelana nami; bahlongoza ukungibulala.


ngokuba izitha zami zikhuluma ngami, nabaqamekela umphefumulo wami bahlangana ngami, bangihlebe,


Kwakukhona ngaleso sikhathi abathile ababikela uJesu ngabaseGalile, abagazi labo uPilatu ayelixube nelemihlatshelo yabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite