Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 26:63 - IsiZulu 2020

63 Kepha uJesu wathula du. Umphristi omkhulu wayesethi kuye: “Ngikufungisa uNkulunkulu ophilayo ukuba usitshele uma unguKhristu, iNdodana kaNkulunkulu.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

63 Kepha uJesu wathula. Wayesethi kuye umpristi omkhulu: “Ngikufungisa uNkulunkulu ophilayo ukuba usitshele uma unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

63 Kodwa uJesu wathula. Umpristi omkhulu wasephendula wathi kuye: Ngikufungisa uNkulunkulu ophilayo, ukuthi usitshele ukuthi wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

63 Kodwa uJesu wathula. Umpristi omkhulu wasephendula wathi kuye: Ngikufungisa uNkulunkulu ophilayo, ukuthi usitshele ukuthi wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 26:63
42 Referans Kwoze  

“ ‘Uma umuntu ebiziwe ukuba ethule ubufakazi obufungelwe ngalokho akuzwile, athi noma ekwazi ukubethula ubufakazi njengomuntu obonile noma olwaziyo udaba, kodwa athule angakhulumi, lowo uyothwala icala.


USimoni Phethro waphendula wathi: “Wena unguKhristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.”


Yacindezelwa, yahlushwa, kodwa ayiwuvulanga umlomo wayo. Njengewundlu liyiswa ekuhlatshweni, nanjengemvu ithule phambi kwabagundi bayo, ayiwuvulanga umlomo wayo.


Nakuba abaphristi abakhulu namalunga bemethwesa icala, kodwa Yena akaphendulanga.


Beselapho ehlathini, bheka, kwakuconsa uju, kodwa akubanga bikho noyedwa owaludla, ngokuba bonke babesaba isifungo.


Kepha lezi zilotshiwe ukuba nikholwe ukuthi uJesu unguKhristu, iNdodana kaNkulunkulu, nokuthi nikholwe, nibe nokuphila egameni lakhe.


wabuye wangena endlini yokwehlulela, wathi kuJesu: “Ungowaphi wena na?” Kepha uJesu akamphendulanga.


AbaJuda bamphendula, bathi: “Sinomthetho thina; ngokwalo mthetho ufanele ukuba afe, ngokuba uzenze iNdodana kaNkulunkulu.”


Wayesethi uPilatu kuye: “Kanti uyinkosi ngempela na?” UJesu waphendula, wathi: “Usho khona ukuthi ngiyinkosi; ngokuba ngazalelwa lokho, ngafikela lokho emhlabeni, ukuba ngifakazele iqiniso. Bonke abeqiniso bayalizwa izwi lami.”


pho ningakhuluma kanjani ngalowo amehlukanisa wamthumela emhlabeni, ukuthi uyahlambalaza, ngokuba ngithe: ‘NgiyiNdodana kaNkulunkulu’ na?


Mina noBaba simunye.”


Base bemngunga abaJuda, bathi kuye: “Kuyakuze kube nini silokhu sidukuza oswini na? Uma unguKhristu, sitshele ngokusobala.”


Base bethi kuye: “Kanti Wena ungubani na?” UJesu waphendula, wathi kubo: “Ngiyilowo ebenginitshela ngaye kusukela kwasekuqaleni.


Thina siyakholwa, futhi siyazi ukuthi Wena ungoNgcwele kaNkulunkulu.”


UNathaniyeli wamphendula, wathi: “Rabi, Wena uyiNdodana kaNkulunkulu, uyiNkosi ka-Israyeli.”


Ngibonile futhi ngiyafakaza, ngithi: lo uyiNdodana kaNkulunkulu.”


Kepha wathula, akazange aphendule ngalutho. Umphristi omkhulu wabuye wambuza, wathi kuye: “Ngabe Wena unguKhristu, iNdodana yoBongekayo na?”


Induna yekhulu nalabo ababenayo beqaphe uJesu, bebona umhlaba uzamazama nalokho okwenzekileyo, besaba kakhulu, bathi: “Impela lo ubeyiNdodana kaNkulunkulu.”


Wethembele kuNkulunkulu; makamkhulule manje, uma emthanda, ngokuba wathi: ‘NgiyiNdodana kaNkulunkulu.’ ”


bethi: “Wena odiliza ithempeli, ubuye ulakhe ngezinsuku ezintathu, zisindise; uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yehla esiphambanweni.”


Kepha uJesu akazange amphendule nangelilodwa izwi, umbusi wamangala kakhulu.


UShadirakhi, uMeshakhi, no-Abhedi Nego baphendula, bathi enkosini: “Nebukhadinezari, thina asidingi ukukuphendula kule ndaba.


Ohlanganyela nesela uzonda umphefumulo wakhe; uzwa isifungo esibi ngomunye, kepha angasidaluli.


Inkosi yayisithi kuye: “Ngiyakukufungisa kuze kube kangaki ukuba ungakhulumi lutho kimi ngaphandle kweqiniso egameni likaSimakade na?”


Yayisithi kuye inkosi: “Kuyoze kube kangaki ngikufungisa ukuba ungakhulumi lutho kimi ngaphandle kweqiniso egameni likaSimakade na?”


Omunye kubantu wathi: “Uyihlo ubafungisile nokubafungisa abantu, wathi: ‘Makaqalekiswe umuntu ozokudla ukudla namuhla.’ Abantu base bephelelwe ngamandla.”


owathi ethukwa akaze aphindisela, ehlushwa akaze asongela muntu, kodwa wazinikela kulowo owehlulela ngokulunga;


Abantu bakwa-Israyeli babecindezelekile ngalolo lusuku, ngokuba uSawule wayebafungisile abantu, wathi: “Makaqalekiswe umuntu oyodla ukudla kungakahlwi, ngingakaziphindiseli ezitheni zami.” Akukho muntu owadla ukudla.


Umphefumulo wami womele uNkulunkulu, uNkulunkulu ophilayo, ngiyakufika nini ngibonakale phambi kukaNkulunkulu na?


Kwase kufika umlingi, wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yisho kulawa matshe abe yizinkwa.”


Kwase kusukuma umphristi omkhulu, wathi kuye: “Awuphenduli ngalutho kulokhu abakufakaza ngawe na?”


Ngokuba iNdodana kaNkulunkulu uJesu Khristu eyashunyayelwa yithi kini: mina, noSilvanu, noThimothewu, ayisiye uyebo noqhabo, kodwa kuYena, kuhlala kunguyebo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite