Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 26:58 - IsiZulu 2020

58 Kepha uPhethro wamlandela uJesu ebuqamama, kwaze kwaba segcekeni lomphristi omkhulu. Naye wangena ngaphakathi, wahlala phansi nezikhonzi ukuze abone isiphetho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

58 Kepha uPetru wamlandela ekude kwaze kwaba segcekeni lompristi omkhulu; wangena phakathi, wahlala phansi nezikhonzi ukuba abone isigcino.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

58 Kepha uPetru wamlandela ekude kwaze kwaba segcekeni lompristi omkhulu, wangena, wahlala nezinceku ukuba abone isiphetho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

58 Kepha uPetru wamlandela ekude kwaze kwaba segcekeni lompristi omkhulu, wangena, wahlala nezinceku ukuba abone isiphetho.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 26:58
10 Referans Kwoze  

AbaFarisi bezwa isixuku sivungazela ngaye ngalokho; abaphristi abakhulu nabaFarisi base bethumela izinceku ukuba zimbophe.


Kepha uSimoni Phethro wayemi, otha. Bathi-ke kuye: “Ngabe impela nawe awusiye yini omunye wabafundi bakhe na?” Waphika wathi: “Angisiye.”


Izinceku zabuyela kubaphristi abakhulu nakubaFarisi, abazibuza, bathi: “Animlethanga ngani na?”


“Shesha uzwane nolwa nawe nisesendleleni, funa olwa nawe akunikele kumehluleli, umehluleli akunikele esikhonzini, uphonswe ejele.


Kwabuthana abaphristi abakhulu namalunga esizwe emzini womphristi omkhulu okuthiwa nguKhayifase.


Base bembamba, bahamba naye, bamyisa endlini yomphristi omkhulu. UPhethro walandela ekude.


Kwathi ukuba abaphristi abakhulu nezikhonzi bambone, bamemeza, bathi: “Mbethele, mbethele esiphambanweni!” UPilatu wathi kubo: “Mthatheni nina, nimbethele esiphambanweni, ngokuba mina angifumani cala kuye.”


Kepha izikhonzi zafika azabafumana ejele; zase zibuyela emuva, zabika,


Yaphuma-ke induna kanye nezikhonzi, zabaletha, hhayi ngempoqo, ngokuba babesaba abantu, funa bakhandwe ngamatshe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite