Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 26:31 - IsiZulu 2020

31 UJesu wathi kubo: “Nina nonke nizakukhubeka ngami ngalobu busuku, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Ngiyakushaya umalusi, izimvu zomhlambi zihlakazeke,’

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 Khona uJesu wathi kubo: “Nina nonke nizakukhubeka ngami ngalobu busuku, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Ngiyakushaya umalusi, izimvu zomhlambi zihlakazeke’;

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

31 Khona uJesu wathi kubo: “Nina nonke niyakukhubeka ngami ngalobu busuku, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “ ‘Ngiyakushaya umalusi, izimvu zomhlambi zihlakazeke.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

31 Khona uJesu wathi kubo: “Nina nonke niyakukhubeka ngami ngalobu busuku, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “ ‘Ngiyakushaya umalusi, izimvu zomhlambi zihlakazeke.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 26:31
16 Referans Kwoze  

“Vuka nkemba, umelane nomelusi wami, umelane nomuntu ongumgani wami. Shaya umelusi, ukuze kuhlakazeke izimvu, ngiyakuphendulela isandla sami kumawundlu,” kusho uSimakade Wamabandla.


Isikhathi siyeza, yebo, sesifikile, sokuba nihlakazeke, yilowo nalowo aye kokwakhe, ningishiye ngedwa, nokho angingedwa, ngokuba uBaba unami.


Ukwethukwa kuyephulile inhliziyo yami, ngagula kakhulu, ngafisa ukuzwelwa, kodwa angitholanga baduduzi.


Abangani nezihlobo zami bangihlubukile ngenxa yokuhlupheka engikukho, omakhelwane bami bahambela kude nami.


Ubusisiwe ongayukukhubeka ngenxa yami.”


“Izithandwa zami ngazibiza, zona zangikhohlisa. Abaphristi namalunga ami bafele emzini, bezama ukufuna ukudla ukuze basimamise ukuphila kwabo.


Nokho uSimakade wathanda ukuyishaya ngezifo. Wenza umphefumulo wayo waba ngumnikelo wecala. Iyakusibona isizukulwane sayo, yenze izinsuku zayo zibe ziningi, nentando kaSimakade iyakuphumelela esandleni sayo.


Ubaxoshele kude isihlobo nomngani, ubumnyama yibona obungumhlobo wami.


Kepha konke lokho kwenzekile ukuba kugcwaliseke imibhalo yabaphrofethi.” Khona bonke abafundi bamshiya babaleka.


Impela iNdodana yomuntu izakuhamba njengokulotshiwe ngayo, kodwa maye, kulowo muntu iNdodana yomuntu ekhashelwa ngaye! Bekuyakuba ngcono kulowo muntu ukuba akazalwanga.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite