Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 25:41 - IsiZulu 2020

41 “Kepha iNkosi iyakuthi kwabangakwesokhohlo sayo: ‘Dedani kimi, nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

41 “Khona iyakuthi kwabangakwesokhohlo: ‘Dedani kimi nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

41 Khona iyakuthi nakwabangakwesokhohlo: Sukani kimi nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

41 Khona iyakuthi nakwabangakwesokhohlo: Sukani kimi nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe;

Gade chapit la Kopi




Mathewu 25:41
33 Referans Kwoze  

Uma ngempela uNkulunkulu engazange aziyeke izingelosi ezona, kodwa wazilahla kwalasha, emigodini yesigayegaye sobumnyama, ziboshwe ngamaketango, ukuze zigcinwe lapho futhi zilethwe ekwehlulelweni,


Laba-ke bazakujeziswa ngokubhujiswa okuphakade, basuswe ebukhoneni beNkosi naphambi kwenkazimulo yamandla akhe,


zibaphonse esithandweni somlilo; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.


Ngakho-ke njengalokhu ukhula lubuthwa lushiswe emlilweni, kuyakuba kanjalo ekupheleni kwezwe.


Nina-ke ningabakayihlo usathane, nithanda ukufeza izifiso zakhe. Yena wayengumbulali kwasekuqaleni, akami eqinisweni, ngokuba iqiniso alikho kuye. Uma ekhuluma amanga, usuke ekhuluma into yakhe, ngokuba ungumqambimanga noyise wamanga.


Khona ngiyakubatshela emehlweni, ngithi: ‘Angizange nginazi; sukani kimi nina benzi bokubi.’


Yena ombenge yakhe yokwela isesandleni sakhe; uzakushanelisisa isibuya sakhe, abuthele amabele enqolobaneni yakhe, kodwa amakhoba uzakuwashisa ngomlilo ongacimekiyo.”


Kepha uma uveza ameva namakhakhasi, awunamsebenzi walutho, futhi kusele kancane ukuba uqalekiswe, ngokuba isiphetho sawo ngukushiswa.


Ababi zibaphonse esithandweni somlilo; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.


“Bayophuma, babone izidumbu zabantu abaphambukile kimi, ngokuba impethu yabo ayiyukufa, nomlilo wabo awuyukucima, bayoba yisinengiso kubo bonke abantu.”


Ngalokho-ke bayabonakala abangabantwana bakaNkulunkulu nabangabantwana bakasathane; lowo ongakwenzi ukulunga akasiye okaNkulunkulu, nalowo ongamthandi umzalwane wakhe.


Samemeza sathi: ‘Baba Abhrahama, ngihawukele, uthume uLazaru, ukuba agcobhoze isihloko somunwe wakhe emanzini, apholise ulimi lwami, ngokuba ngisezinhlungwini ezinzima kabi kuleli langabi.’


“Kepha yena uyakuthi: ‘Ngithi kini: anginazi ukuthi nivela kuphi. Sukani kimi nina nonke, benzi bobubi.’ ”


“Labo-ke bayakuhamba, baye ekujezisweni okuphakade; kodwa abalungileyo, bayakuya ekuphileni okuphakade.”


Kepha uma isandla sakho sikukhubekisa noma ngabe wunyawo lwakho, kunqume, ukulahle. Kungcono kuwe ukuba ungene ekuphileni uyingini noma ulunyonga, kunokuba uphonswe emlilweni ongunaphakade unezandla zombili nezinyawo zombili.


Kepha Mina ngithi kini: yilowo nalowo othukuthelela umfowabo, uyakuba necala ayokwehlulelwa ngalo. Nalowo othi kumfowabo: ‘Silima,’ uyakuba necala emphakathini, nalowo othi: ‘Siwula,’ kumfowabo uyakuba necala, aphonswe esihogweni somlilo.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Uqalekisiwe umuntu othembela kubantu, owenza izikhwepha zakhe zibe yisihlangu sakhe, nonhliziyo yakhe isukile kuSimakade.


Sengathi ungazibulala izikhohlakali, Nkulunkulu, ngalokho-ke sukani kimi, nina bachithi begazi.


Sukani kimi, nina enenza okubi, ngokuba mina ngizoyigcina imiyalo kaNkulunkulu wami.


Uyabakhuza abazidlayo, abaqalekisiweyo, abaduka emiyalweni yakho.


Sukani kimi nina nonke enenza okubi, ngokuba uSimakade ulizwile izwi lokukhala kwami.


UJesu wayesethi kuye: “Suka, Sathane, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze Yena yedwa.’ ”


Ngokuba ngangilambile, aningiphanga ukudla; ngangomile, aningiphuzisanga;


bese nina enihluphekayo aniphe ukuphumula kanye nathi ekwambuleni kweNkosi uJesu, ivela ezulwini, inezingelosi zamandla ayo,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite