Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 25:21 - IsiZulu 2020

21 “Inkosi yayo yathi kuyo: ‘Kuhle, nceku enhle nethembekileyo, uthembekile ezintweni eziyingcosana; ngizakukubeka wengamele okuningi; ngena ekuthokozeni kwenkosi yakho.’

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 “Inkosi yakhe yathi kuye: ‘Kuhle, nceku enhle nethembekileyo, uthembekile ezintweni eziyingcosana; ngizakukubeka phezu kokuningi; ngena ekuthokozeni kwenkosi yakho.’

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

21 Inkosi yakhe yathi kuye: ‘Kuhle, nceku enhle nethembekileyo!

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Inkosi yakhe yathi kuye: ‘Kuhle, nceku enhle nethembekileyo!

Gade chapit la Kopi




Mathewu 25:21
30 Referans Kwoze  

“Inkosi yayo yathi kuyo: ‘Kuhle, nceku enhle nethembekileyo, uthembekile ezintweni eziyingcosana; ngizakukubeka wengamele okuningi; ngena ekuthokozeni kwenkosi yakho.’


“Othembekile kokuncinyane, uthembekile nakokukhulu; ongalungile kokuncinyane, kalungile nakokukhulu.


Uma umuntu efuna ukungikhonza, makangilandele; lapho ngikhona Mina, siyakuba khona lapho nesikhonzi sami. Uma umuntu engikhonza, uBaba uyakumazisa.


Uma sikhuthazela, siyakubusa futhi sikanye naye; uma simphika naye uyakusiphika.


“ ‘Onqobayo ngiyakumnika ukuba ahlale nami esihlalweni sami sobukhosi, njengoba nami nganqoba, ngase ngihlala noBaba esihlalweni sakhe sobukhosi.


Nakuba ngiya ukunilungisela indawo, ngiyobuye ngize, nginilande ukuze nani nibe lapho ngikhona.


“Baba, ngithanda ukuba labo ongiphe bonababe nami lapho ngikhona, ukuze bayibone inkazimulo yami ongiphe yona, ngokuba wangithanda umhlaba ungakasekelwa.


Ungakwesabi lokho ozakuhlupheka ngakho. USathane uzakubaphonsa ejele abanye benu ukuze nilingwe, futhi nizakuhlupheka izinsuku ezilishumi. Thembekani kuze kube sekufeni, ngizakuninika umqhele wokuphila.


“Pho ngubani oyinceku ethembekileyo nehlakaniphileyo, inkosi yayo eyibeke ukuba yengamele abendlu yayo, ibanike ukudla ngesikhathi esifaneleyo na?


Manje ngimanqikanqika; nginesifiso sokumuka ngibe noKhristu, ngokuba yilokho okuhle kakhulu;


ngokuba iWundlu elingaphakathi kwesihlalo sobukhosi liyabelusa, libaholele emithonjeni yamanzi okuphila, noNkulunkulu uyakuzesula zonke izinyembezi emehlweni abo.”


Kepha umJuda yilowo onguye ngaphakathi, nokusoka kungokwenhliziyo ngomoya, hhayi ngomthetho nje obhaliweyo; okutuswa kwakhe akuveli nje kubantu, kodwa kuNkulunkulu.


Ngiqinisile, ngithi: iyakuyibeka phezu kwakho konke enakho ukuba ikwengamele.


“Labo-ke bayakuhamba, baye ekujezisweni okuphakade; kodwa abalungileyo, bayakuya ekuphileni okuphakade.”


Ngiqinisile ngithi kini, iyakuyibeka yengamele konke enakho.


Onqobayo uyakudla ifa lalezo zinto, futhi ngiyakuba nguNkulunkulu kuye, yena abe yindodana kimi.


sibhekile kuJesu ongumqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu, owathi esikhundleni sentokozo ayibekelweyo, wathwala isiphambano engalinaki ihlazo, wahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.


Ngokuba akusiye lowo ozincomayo okufanele amukelwe, kodwa yilowo iNkosi emncomayo.


Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ingakafiki iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni lokho okufihlakeleyo kobumnyama, izidalule izizindlo zezinhliziyo; kulapho-ke yilowo nalowo eyakuthola khona ukubongwa kuNkulunkulu.


Ngakho-ke nakuba sisekhaya noma sehlukene nalo, siphokophele ukuba ngabathandekayo kuye.


Isisa senkosi sisencekwini ehlakaniphileyo, kepha intukuthelo yayo ikulabo abenza okuyihlazo.


Owethembekileyo uyolandelwa yizibusiso, kepha oceba ngokushesha akayukuyekwa angajeziswa.


Ngokuba lawo akhonze kahle, azuza igama elihle nesibindi esikhulu ekukholweni kuKhristu uJesu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite