Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 25:13 - IsiZulu 2020

13 “Ngakho-ke hlalani nilindile, ngokuba anilwazi usuku nehora.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 “Ngakho lindani, ngokuba anilwazi usuku nehora.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

13 Ngakho lindani, ngokuba anazi usuku nehora iNdodana yomuntu eza ngayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Ngakho lindani, ngokuba anazi usuku nehora iNdodana yomuntu eza ngayo.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 25:13
12 Referans Kwoze  

Ngakho-ke masingalali njengabanye, kodwa masiqwashe, sizithibe.


Qaphelani, ngiyeza njengesela; ubusisiwe olindayo, alonde izingubo zakhe ukuba angabi ngohamba ze, baze babone ihlazo lakhe.


Ngakho-ke lindani, nikhuleke ngezikhathi zonke ukuze nikwazi ukuphunyuka kukho konke lokhu okuzakukwenzeka, nokuba nime phambi kweNdodana yomuntu.”


Lindani, nime niqinile ekukholweni, nime isibindi, nibe namandla.


Zithibeni, nilinde. Isitha senu, uSathane, siyahamba njengebhubesi elibhodlayo, sifuna esingamdwengula.


inkosi yaleyo nceku iyakufika ngosuku engalulindele nangehora engalaziyo,


Kepha ukuphela kwezinto zonke sekusondele, ngakho zikhuzeni, nizithibe, ukuze nikhuleke.


Kepha wena zithibe ezintweni zonke, ubekezele ebunzimeni, wenze umsebenzi womvangeli, futhi uwufeze umsebenzi wakho ngokupheleleyo.


Ngakho qaphelani, nikhumbule ukuthi iminyaka emithathu, ubusuku nemini angiyekanga ukuniluleka nonke ngamunye ngezinyembezi.


“Kepha umyeni waphendula, wathi: ‘Ngiqinisile ngithi kini, anginazi.’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite