Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 24:31 - IsiZulu 2020

31 Iyakuthuma izingelosi zayo ngokukhala kwecilongo okukhulu, ziqoqe abakhethiweyo bayo emagumbini omane omhlaba, kusukela emkhawulweni wezulu kuze kube komunye.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 Iyakuthuma izingelosi zayo ngokukhala okukhulu kwecilongo, ziqoqe abakhethiweyo bayo emimoyeni yomine, kusukela emkhawulweni omunye wezulu kuze kube komunye.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

31 Iyakuthuma izingelosi zayo ngokukhala okukhulu kwecilongo, ziqoqe abakhethiweyo bayo emimoyeni yomine, kusukela emkhawulweni omunye wezulu kuze kube komunye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

31 Iyakuthuma izingelosi zayo ngokukhala okukhulu kwecilongo, ziqoqe abakhethiweyo bayo emimoyeni yomine, kusukela emkhawulweni omunye wezulu kuze kube komunye.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 24:31
44 Referans Kwoze  

ngokuba iNkosi uqobo iyakukwehla ezulwini ngezwi lenhlokomo, ngephimbo lengelosi enkulu, nangecilongo likaNkulunkulu; abafileyo kuKhristu bayakuvuka kuqala.


Kulapho-ke iyakuthumela izingelosi, iqoqe abakhethiweyo bayo emagumbini omane omhlaba, kusukela emkhawulweni womhlaba kuze kube semkhawulweni wezulu.


Ngalolo lusuku kuyobethwa icilongo elikhulu, labo ababedukele e-Asiriya nalabo ababexoshwe eGibhithe, bayofika badumise uSimakade entabeni engcwele eJerusalema.


ngomzuzwana nje, ngokuphazima kweso, ngecilongo lokugcina. Ngokuba kuyakukhala icilongo, abafileyo bavuswe bengenakubola, thina siguqulwe.


Iyophakamisela abezizwe ibhanela, ibuthe abaxoshiweyo bakwa-Israyeli, iqoqe abahlakazekileyo bakwaJuda emagumbini omane omhlaba.


INdodana yomuntu iyakuthuma izingelosi zayo, zibuthe, zikhiphe embusweni wayo konke okukhubekisayo nabenza okubi,


Mayelana nokubuya kweNkosi yethu uJesu Khristu, nokubuthanela kwethu kuyo, siyaninxusa bazalwane,


azokuphelelisa ngesikhathi esifanele, ukuhlanganisa konke kuKhristu, konke okusezulwini nokusemhlabeni;


kungesona isizwe nje kuphela, kodwa ukuba aqoqele ndawonye abantwana bakaNkulunkulu abahlakazekileyo, babe munye.


“Kuyakuthi lapho iNdodana yomuntu iza ngenkazimulo yayo nezingelosi zonke ezingcwele zikanye nayo, iyakuhlala esihlalweni sayo senkazimulo.


“Nina nonke mikhawulo yomhlaba, phendukelani kimi, nisindiswe, ngokuba nginguNkulunkulu, akekho omunye.


Ngiyothi kuyo inyakatho: ‘Bakhulule,’ nakuyo iningizimu, ngithi: ‘Ungabagodli.’ Lethani amadodana ami asuka ezweni elikude, namadodakazi ami avela emikhawulweni yomhlaba,


Yonke imikhawulo yomhlaba iyokhumbula, bese iphendukela kuSimakade, nayo yonke imindeni yezizwe iyokhothama phambi kwakho;


“Maye! Maye, balekani enyakatho!” kusho uSimakade, “ngokuba nginihlakaze njengemimoya emine yezulu,” kusho uSimakade.


“Phakamisa amehlo akho, ubone nxazonke; bonke bayaqoqana beza kuwe, amadodana akho ayovela endaweni ekude, namadodakazi akho ayofika ebelethwe.


Phakamisa amehlo akho ubuke nxazonke, bonke bayaqoqana, beza kuwe; ngifunga ngiyagomela,” kusho uSimakade, “impela uyakubagqoka bonke njengemvunulo, ubabhince njengomakoti.


Ivela emazweni akude, emikhawulweni yezulu. USimakade uze nezikhali zentukuthelo yakhe, ukuzobhubhisa umhlaba wonke.


Emveni kwalokho, ngabona izingelosi ezine zimi emagumbini omane omhlaba, zibambe imimoya emine yomhlaba, ukuze kungavunguzi moya emhlabeni, olwandle, nakwesisodwa sezihlahla.


USimakade uyakubonakala phezu kwabo, umcibisholo wakhe ushweze njengonyazi. INkosi uSimakade iyakushaya impalampala. Ihambe ngezivunguvungu zaseNingizimu.


Uma ekhona oxoshelwe nasekugcineni kwezulu, uSimakade uNkulunkulu wakho uyakukuqoqa, akulande lapho.


Ngase ngibona izingelosi eziyisikhombisa zimi phambi kukaNkulunkulu, zanikwa amacilongo ayisikhombisa.


Kepha ngithi: abezwanga yini na? Impela bezwa kahle: “Izwi labo liphumele emhlabeni wonke, namazwi abo emikhawulweni yomhlaba.”


UJesu wasondela, wakhuluma kubo, wathi: “Ngiphiwe amandla wonke ezulwini nasemhlabeni.


Ukuba lezo zinsuku bezingafinyezwanga, bekungesindiswe muntu, kodwa ngenxa yabakhethiweyo ziyakufinyezwa.”


Niyobalekela emhosheni wezintaba zami, ngokuba umhosha wezintaba uyofinyelela e-Azali. Niyobaleka njengoba nanibalekela ukuzamazama komhlaba ngezinsuku zika-Uziya inkosi yakwaJuda. USimakade uNkulunkulu wami uyakufika nabo bonke abangcwele kanye nawe.


UDaniyeli wathatha wathi: “Ngabona embonweni wami ebusuku; bheka, imimoya yomine yezulu yavumbuluka olwandle olukhulu.


Mhubeleni uSimakade ihubo elisha, indumiso yakhe kusukela emikhawulweni yomhlaba, nina enehlela olwandle nakho konke okukulo, nina ziqhingi nabakhileyo kuzo.


Shayani icilongo ngokwethwasa kwenyanga nangokugcwala kwayo, ngosuku lomkhosi wethu.


Sengathi uNkulunkulu angaqhubeka asibusise, yonke imikhawulo yomhlaba imesabe.


Ingelosi yesikhombisa yabetha icilongo; kwase kuzwakala amazwi ahlokomayo ezulwini ethi: “Umbuso wezwe usungoweNkosi yethu nokaKhristu wayo; iyakubusa kuze kube phakade naphakade.”


Kushunyayelwe egameni lakhe ukuphenduka, kube ngukuthethelelwa kwezono ezizweni zonke; kuqalwe eJerusalema.


Ngiyakususa inqola yempi kwa-Efrayimi, nehhashi eJerusalema, ngisuse nomnsalo wempi. Iyakukhuluma ngokuthula ezizweni, ukubusa kwayo kuyakusukela olwandle kuze kufike olwandle, kusukele emfuleni kuze kufinyelele emaphethelweni omhlaba.


Imfihlakalo yezinkanyezi eziyisikhombisa ozibonileyo esandleni sami sokunene, nezinti zegolide zezibani eziyisikhombisa, yile: izinkanyezi eziyisikhombisa yizingelosi zamabandla ayisikhombisa, kuthi izinti zegolide zezibani eziyisikhombisa zingamabandla ayisikhombisa.”


Ngosuku lwesithathu ekuseni, kwaba nokuduma, nombani, nefu elimnyama phezu kwentaba, nokukhala okukhulu kwecilongo, abantu bonke ababesenkanjini bathuthumela.


“Ake ubuze izinsuku ezidlulileyo ezaziphambi kwakho, kusukela osukwini uNkulunkulu adala ngalo abantu emhlabeni, kusukela kolunye uhlangothi lwezulu kuze kufike kolunye, ukuthi kukhona yini okufana nale nto engaka okwake kwenzeka, futhi kukhona yini okwake kwezwakala okufana nakho na?


Ingelosi yaphendula, yathi: “Lena yimimoya emine yezulu ephumile, ibime phambi koMnuzane womhlaba wonke.


Ngokuba kuyakuvela okhristu mbumbulu nabaphrofethi bamanga. Bayakuveza izibonakaliso ezinkulu nezimangaliso, ukuze badukise, uma kungenzeka, abakhethiweyo.


“Fundani emzekelisweni womkhiwane; uma igatsha lawo selithamba, kuhlume amacembe, nisuke senazi-ke ukuthi seliyathwasa ihlobo.


nasekukhaleni kwecilongo, nasekuzwakaleni kwamazwi, abathe ukukuzwa, bancenga ukuba kungabe kusakhulunywa izwi kubo,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite