Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 24:30 - IsiZulu 2020

30 “Khona kuyakubonakala isibonakaliso seNdodana yomuntu ezulwini, bese zikhala zonke izizwe zomhlaba. Zonke ziyakuyibona iNdodana yomuntu iza emafini ezulu, inamandla nenkazimulo enkulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 “Khona kuyakubonakala ezulwini isibonakaliso seNdodana yomuntu, bese zikhala izizwe zonke zomhlaba, zibone iNdodana yomuntu iza emafwini ezulu, inamandla nenkazimulo enkulu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

30 Khona kuyakubonakala ezulwini isibonakaliso seNdodana yomuntu, khona-ke izizwe zonke zomhlaba ziyakuzila, futhi zibone iNdodana yomuntu iza ngamafu ezulu inamandla nenkazimulo enkulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

30 Khona kuyakubonakala ezulwini isibonakaliso seNdodana yomuntu, khona-ke izizwe zonke zomhlaba ziyakuzila, futhi zibone iNdodana yomuntu iza ngamafu ezulu inamandla nenkazimulo enkulu.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 24:30
17 Referans Kwoze  

Bhekani, uyeza ngamafu, onke amehlo ayakumbona, nalabo abamgwazayo; zonke izizwe zomhlaba ziyakulila ngaye. Yebo, Amen.


“Ngabona emibonweni ebusuku; bheka, onjengendodana yomuntu wafika namafu ezulu; wafika komdala wezinsuku, wasondezwa phambi kwakhe.


athi: “Madoda aseGalile, nimeleni nigqolozele ezulwini na? UJesu lo, osuswe kini wenyuselwa ezulwini, uyakubuya kanjalo, njengalokhu nimbonile eya ezulwini.”


UJesu wayesethi kuye: “Usho khona. Nokho ngithi kini: kusukela manje niyakuyibona iNdodana yomuntu ihleli ngakwesokunene saMandla, iza ngamafu ezulu.”


Khona-ke bayakuyibona iNdodana yomuntu iza ngefu, inamandla nenkazimulo enkulu.


Esahleli eNtabeni Yeminqumo, abafundi beza kuye ngasese, bathi: “Sitshele ukuthi lokhu kuyakwenzeka nini, futhi siyakuba yini isibonakaliso sokufika kwakho, nomhla wokuphela na?”


“Ngiyakuthululela phezu kwendlu kaDavide naphezu kwabakhileyo eJerusalema umoya womusa nowokunxusa. Bayakungibuka mina, lowo abamgwazayo. Bayakumlilela njengokulilela kozelwe yedwa, babe nomunyu ngaye, njengokukhalela kalusizi izibulo.


bese nina enihluphekayo aniphe ukuphumula kanye nathi ekwambuleni kweNkosi uJesu, ivela ezulwini, inezingelosi zamandla ayo,


Khona-ke niyakubona iNdodana yomuntu iza emafini, inamandla amakhulu nenkazimulo.


Kepha kusukela manje iNdodana yomuntu izakuhlala ngakwesokunene samandla kaNkulunkulu.”


bathi: “Sitshele ukuthi lokhu kuyakwenzeka nini, nokuthi siyakuba yini isibonakaliso, nesikhathi okuyakufezeka ngaso konke lokhu na?”


Ngalolo lusuku kuyakuba khona isililo esikhulu eJerusalema njengesililo sokulilela uHadadi Rimoni, ethafeni iMegido.


Ngokuba njengasemihleni kaNowa, kuyakuba njalo ukufika kweNdodana yomuntu.


Abazanga; kwaze kwafika uzamcolo wabakhukhula bonke; kuyakuba njalo nokufika kweNdodana yomuntu.


Kwabonakala isibonakaliso esikhulu ezulwini: owesifazane embethe ilanga, nenyanga iphansi kwezinyawo zakhe, ekhanda lakhe ethwele umqhele wezinkanyezi ezili-12.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite