Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 23:5 - IsiZulu 2020

5 “Yonke imisebenzi yabo bayenza ukuba babukwe ngabantu. Amabhande abo abawabopha ebunzini uma bekhuleka bawenza abe banzi, benze izinsephe ezinkulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 “Kepha imisebenzi yonke yabo bayenza ukuba babonwe ngabantu; amafilakteriyu* abo bawenza abe banzi, bawenze abe makhulu amachopho.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 Kodwa yonke imisebenzi yabo bayenza ukuze babonwe ngabantu; bawenza abe banzi amafilakteriyu abo, bandise imiphetho yezingubo zabo;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Kodwa yonke imisebenzi yabo bayenza ukuze babonwe ngabantu; bawenza abe banzi amafilakteriyu abo, bandise imiphetho yezingubo zabo;

Gade chapit la Kopi




Mathewu 23:5
20 Referans Kwoze  

ngokuba babethanda udumo lwabantu, kunodumo lukaNkulunkulu.


Ningenzi lutho ngombango nangokuziphakamisa okuyize, kodwa ngokuzithoba, nazise abanye ngokungathi bakhulu kunani.


Pho ningakholwa kanjani nisadumisana nodwa, ningalufuni udumo oluvela kuNkulunkulu okunguye yedwa na?


Wayesethi kubo: “Nina nizenza abalungileyo phambi kwabantu, kodwa uNkulunkulu uyazazi izinhliziyo zenu, ngokuba lokho okutuseka kakhulu kubantu kuyisinengiso emehlweni kaNkulunkulu.


Uyakuwabophela abe wuphawu esandleni sakho, abe yisikhumbuzo phakathi kwamehlo akho.


Zidla izindlu zabafelokazi, zikhuleke isikhathi eside, zizenzisa. Laba bayakwemukela ukwehlulelwa okukhulu.”


“Uyozenzela izinsephe emachosheni amane esembatho sakho osembathayo.”


“Kuyakuba kuwe wuphawu esandleni sakho, nesikhumbuzo esiphongweni sakho, ukuze umthetho kaSimakade uhlale ezindebeni zomlomo wakho , ngokuba ngesandla esinamandla uSimakade wakukhipha eGibhithe.


Abanye kambe bashumayela uKhristu ngomhawu nangombango, kodwa abanye ngenhliziyo enhle.


Ozikhulumela ngokwakhe ufuna udumo lwakhe, kodwa ofuna udumo lwalowo omthumileyo, lowo uqinisile, akukho ukungalungi kuye.


Kwakukhona owesifazane owayenesifo somopho iminyaka eli-12, wasondela emuva kukaJesu, wathinta umphetho wengubo yakhe.


Ububele neqiniso makungakushiyi; kubophele entanyeni yakho, ukulobe esibhebheni senhliziyo yakho,


omelene nakho konke, nozikhukhumezayo kukho konke okubizwa ngoNkulunkulu noma yini ekhonzwayo, aze azihlalise ethempelini likaNkulunkulu, ezenza uNkulunkulu.


Wayesethi uJehu: “Hamba nami ukuze ubone indlela engimshisekelela ngayo uSimakade.” Base bemgibelisa enqoleni yakhe.


Niyakuwabeka lawa mazwi ami enhliziyweni yenu nasemphefumulweni wenu, niwabophe abe wuphawu esandleni senu, abe yisikhumbuzo phakathi kwamehlo enu.


Ngosuku lwesikhombisa umphristi uyosihlola isifo; uma singandile futhi kungekho zinwele ezimpofu kuso, isifo sibonakala singashonile kunesikhumba,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite