Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 23:4 - IsiZulu 2020

4 Babopha imithwalo enzima, bayibeke emahlombe abantu, kodwa bona abafuni ngisho ukuyithinta ngomunwe wabo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 babopha imithwalo enzima, bayibeke emahlombe abantu; kepha bona abavumi ukuyifukula ngomunwe wabo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

4 Ngokuba babopha imithwalo enzima, bayibeke emahlombe abantu; kodwa bona ngokwabo abafuni ukuwanyakazisa nangomunwe wawo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngokuba babopha imithwalo enzima, bayibeke emahlombe abantu; kodwa bona ngokwabo abafuni ukuwanyakazisa nangomunwe wawo.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 23:4
10 Referans Kwoze  

Kepha uJesu wathi: “Maye, nakini zazimthetho, maye, ngokuba nithwesa abantu imithwalo enzima! Nina uqobo lwenu nibe ningayithinti leyo mithwalo nangowodwa weminwe yenu.


Ngakho-ke kungani manje nilinga uNkulunkulu ngokuthi nibeke ijoka entanyeni yabafundi, obaba kanye nathi esingabanga namandla okulithwala na?


Ngokuba ngisho nabo abasokayo, kabawugcini umthetho, kodwa bafuna ukuba nisoke ukuze bazincome ngani.


“Maye, kini zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba ninikela okweshumi kwesinkuntshane, nokwentshungu, nokodonqa, kodwa nikushaye indiva okudingwa ngumthetho: ubulungiswa, isihawu, nokukholwa! Benifanele ukwenza lokho, kodwa ningakuyeki nalokhu komthetho.


Kepha ngithi kini eniseleyo eThiyathira, nina nonke eningenayo le mfundiso, eningakwazi okujulileyo kukaSathane njengalokhu besho, anginethwesi omunye umthwalo,


Ngokuba kube kuhle kuMoya oNgcwele nakithi ukuba singanethwesi mthwalo ngaphezu kwalokho okumele nikwenze:


UBheli uyaguqa, uNebho uyakhothama; izithombe zabo ezibaziweyo zingezezilwane nezezinkomo; lezi zinto enizithweleyo zingumthwalo onzima ezilwaneni ezikhatheleyo.


Ngakho-ke konke abanitshela khona kwenzeni, nikugcine, kodwa ningakwenzi abakwenzayo. Ngokuba bayakhuluma, kodwa bangakwenzi abakushoyo.


Ngokuba ukuthanda uNkulunkulu yilokhu ukuba siyigcine imiyalo yakhe, futhi imiyalo yakhe ayinzima.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite