Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 23:33 - IsiZulu 2020

33 “Zinyoka, nzalo yamabululu, niyakukubalekela kanjani ukulahlwa esihogweni na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

33 “Zinyoka, nzalo yamabululu, niyakukubalekela kanjani ukulahlwa kwasesihogweni na?

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

33 Zinyoka, nzalo yamabululu, lingakubalekela njani ukulahlwa kwesihogo?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

33 Zinyoka, nzalo yamabululu, lingakubalekela njani ukulahlwa kwesihogo?

Gade chapit la Kopi




Mathewu 23:33
17 Referans Kwoze  

Kepha kwathi lapho ebona abaFarisi nabaSadusi abaningi beza embhabhadisweni, wathi kubo: “Nzalo yezinyoka, ngubani onixwayise ukuba nibalekele intukuthelo ezayo na?


Nzalo yezinyoka, ningakukhuluma kanjani okuhle nibe nibabi na? Ngokuba umlomo ukhuluma okuchichima enhliziyweni.


Nina-ke ningabakayihlo usathane, nithanda ukufeza izifiso zakhe. Yena wayengumbulali kwasekuqaleni, akami eqinisweni, ngokuba iqiniso alikho kuye. Uma ekhuluma amanga, usuke ekhuluma into yakhe, ngokuba ungumqambimanga noyise wamanga.


Ngakho-ke wayesethi ezixukwini eziza kuye ukuba azibhabhadise: “Nzalo yezinyoka, ngubani onixwayisile ukuba nibalekele intukuthelo ezayo na?


Kepha Mina ngithi kini: yilowo nalowo othukuthelela umfowabo, uyakuba necala ayokwehlulelwa ngalo. Nalowo othi kumfowabo: ‘Silima,’ uyakuba necala emphakathini, nalowo othi: ‘Siwula,’ kumfowabo uyakuba necala, aphonswe esihogweni somlilo.


Ngizokwenza ubutha phakathi kwakho nowesifazane, ngizonenza nizondane nenzalo yowesifazane. Inzalo yowesifazane iyochoboza ikhanda leyakho, nenzalo yakho ishaye isithende senzalo yakhe.”


Udrago omkhulu, inyoka endala okuthiwa nguMhlebi noSathane, odukisa umhlaba wonke; waphonswa phansi emhlabeni nezingelosi zakhe ezazinaye.


Qaphelani ukuba ningamchithi okhulumayo; ngokuba labo abamchithayo lowo owayebaxwayisa emhlabeni, abazange baphunyuke, kakhulu kangakanani-ke thina esimfulathelayo oxwayisa esezulwini ukuba singaphunyuka na?


Pho-ke nicabanga ukuthi singakanani isijeziso salowo obukele phansi iNdodana kaNkulunkulu, wadelela igazi lesivumelwano angcweliswa ngalo, wahlambalaza uMoya womusa, na?


Pho thina siyakuphunyuka kanjani, uma sidebesela insindiso enkulu kangaka na? Lena eyashunyayelwa kuqala ngeNkosi, yaqiniswa kithina yilabo abayizwayo.


Kepha nginovalo ukuthi njengalokho inyoka yamkhohlisa u-Eva ngobuqili bayo, kanjalo izingqondo zenu mhlawumbe zedukiswe, ziyeke ubuqotho nobumhlophe kuKhristu.


Ngalolo lusuku izakhamuzi zasogwini ziyothi: ‘Bheka ukuthi kwenzekeni kulabo ebesethembele kubo, nalabo ebesibalekela kubo ukuyocela usizo nokukhululwa enkosini yase-Asiriya. Pho thina-ke, siyophunyuka kanjani na?’ ”


Salani senikufeza lokhu okwaqalwa ngoyihlomkhulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite