Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 23:13 - IsiZulu 2020

13 “Maye, kini zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu! Nani aningeni, kodwa abangenayo anibavumeli ukuba bangene.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 “Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu! Ngokuba aningeni nina, nabangenayo anibavumeli ukungena.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

13 Kodwa maye kini, babhali labaFarisi, bazenzisi! ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu, ngokuba aningeni nina, nabangenayo anibavumeli ukuba bangene.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Kodwa maye kini, babhali labaFarisi, bazenzisi! ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu, ngokuba aningeni nina, nabangenayo anibavumeli ukuba bangene.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 23:13
25 Referans Kwoze  

“Maye, kini zazimthetho, ngokuba nisithathile isihluthulelo solwazi! Nina luqobo aningenanga, nabangenayo nabavimbela.”


“Maye, kini zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nakha amaliba abaphrofethi, nihlobise amathuna abalungileyo!


“Maye, kini zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nifana namathuna acakiweyo, abonakala emahle ngaphandle kanti ngaphakathi agcwele amathambo abafileyo nokungcola konke!


“Maye, kini zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba ninikela okweshumi kwesinkuntshane, nokwentshungu, nokodonqa, kodwa nikushaye indiva okudingwa ngumthetho: ubulungiswa, isihawu, nokukholwa! Benifanele ukwenza lokho, kodwa ningakuyeki nalokhu komthetho.


“Maye, kumelusi ongenamsebenzi, oshiya umhlambi wezimvu! Inkemba iyakumlimaza ingalo neso lakhe langakwesokunene. Ingalo yakhe iyakushwabana, neso lakhe lingaboni lutho!”


USawula wayevumelene nabo ngokuthi akabulawe. Ngalolo lusuku kwaba nokuhlushwa kwebandla okukhulu eJerusalema. Abazalwane bonke bahlakazekela ezifundeni eJudiya naseSamariya; kwasala abaphostoli kuphela.


Nawe-ke umxwaye, ngokuba wamelana kakhulu namazwi ethu.


Izoni eZiyoni ziyesaba, abangenabunkulunkulu bakhungethwe yitwetwe. “Ngubani phakathi kwethu ongahlala nomlilo oqothulayo na? Ngubani phakathi kwethu ongahlala namalangabi aphakade na?”


Njengokuba uJane noJambre bamelana noMose, kanjalo nalaba bamelana neqiniso, bangabantu abangqondo yabo yonakele, abehlulekayo ekukholweni.


Kepha u-Elimasi, umlumbi, ngokuba yigama lakhe lelo uma lihunyushwa, wamelana nabo, efuna ukuphambukisa umbusi ekukholweni.


Sebebabizile abaphostoli, babashaya, babaxwayisa ngokuthi bangakhulumi ngegama likaJesu, base bebakhulula.


wathi: “Asinidonsanga yini ngendlebe ukuba ningafundisi ngaleli gama, kodwa senigcwalise iJerusalema ngemfundiso yenu, futhi nizimisele ukwehlisela igazi lalo muntu phezu kwethu.”


Baphendula, bathi kuyo: “Wena wazalelwa esonweni ngokupheleleyo, wena usufundisa thina na?” Base beyikhiphela ngaphandle kwesinagoge.


Bayibiza ngokwesibili le ndoda ebiyimpumputhe, bathi kuyo: “Mnike uNkulunkulu udumo; thina siyazi ukuthi lo muntu uyisoni.”


Abazali bayo basho lokho, ngokuba babesaba abaJuda, lokhu abaJuda base bevumelene ngokuthi, uma kukhona ovuma ukuthi unguKhristu, uzakunqunywa esinagogeni.


“Maye, kini zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nihlanza ingaphandle lenkezo nesitsha, kodwa ngaphakathi kugcwele impango nobugovu.


Kepha kwathi lapho ebona abaFarisi nabaSadusi abaningi beza embhabhadisweni, wathi kubo: “Nzalo yezinyoka, ngubani onixwayise ukuba nibalekele intukuthelo ezayo na?


“Maye, kini baholi abayizimpumputhe, enithi: ‘Umuntu ofunga ithempeli akusho lutho lokho, kodwa lowo ofunga igolide lasethempelini uzibophile!’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite