Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 21:19 - IsiZulu 2020

19 Wabona umkhiwane owodwa ngasendleleni, waya kuwo, kodwa akatholanga lutho kuwo, ngaphandle kwamaqabunga kuphela. Wayesethi kuwo: “Akungabe kusavela sithelo kuwe naphakade.” Umkhiwane wabuna ngaso leso sikhathi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Wabona umkhiwane owodwa ngasendleleni, weza kuwo; akafumananga lutho kuwo, amaqabunga odwa. Wayesethi kuwo: “Akungabe kusavela sithelo kuwe naphakade.” Umkhiwane wabuna khona lapho.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

19 Wabona umkhiwane ngasendleleni, waya kuwo, akafumananga lutho kuwo, amaqabunga kuphela; Umkhiwane wabuna masinyane.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Wabona umkhiwane ngasendleleni, waya kuwo, akafumananga lutho kuwo, amaqabunga kuphela; Umkhiwane wabuna masinyane.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 21:19
17 Referans Kwoze  

Bavuma ukuthi bayamazi uNkulunkulu, kepha bayamphika ngemisebenzi yabo, bangabenyanyekayo, abangalaleli, abangalungele lutho oluhle abangalwenza.


Uma umuntu engahlali kimi, ulahlwa ngaphandle njengegatsha, abune. Lawo magatsha bayawabutha, bawaphonse emlilweni, ashe.


“Izembe selivele libekiwe ezimpandeni zemithi, ngakho-ke yonke imithi engatheli isithelo esihle, iyakunqunywa, iphonswe emlilweni.”


Yilelo nalelo gatsha elikimi, elingatheli izithelo, uyalisusa. Kepha yilelo nalelo elithela izithelo, uyalithena ukuze lithele kakhulu.


UJesu wathi kuwo: “Akungabe kusadla noyedwa isithelo esivela kuwe kuze kube phakade.” Abafundi bakhe bakuzwa lokho.


Ongalungile makaqhubeke enze kanjalo okungalungile, ongcolileyo makazingcolise njalo, kodwa olungileyo makenze njalo ukulunga, kuthi nongcwele azingcwelise njalo.”


Yibo laba abayichilo emadilini enu, abadla nani bengenakwesaba, bezenelisa. Bangamafu angenamvula apheshulwa wumoya, izihlahla zasehlobo ezingenazithelo, bafe imfakabili, basishuliwe.


abanesimo sokumesaba uNkulunkulu, kodwa bewaphika amandla okukholwa; labo-ke wobagwema.


Wamba, wakhipha amatshe kuso, watshala umvini omuhle, wakha isiqongo sokulinda phakathi kwaso, waqopha isikhamo kuso, walindela ukuba sithele izithelo zomvini, kodwa sathela izithelo zasendle.


“ ‘Bengizobutha nokubutha, kepha awekho amagilebhisi namakhiwane emkhiwaneni; amaqabunga abunile engabanika khona bakwephuciwe,’ ” kusho uSimakade.


Bekubona lokho abafundi bamangala, bathi: “Umkhiwane ubune kanjani masinyane kanje na?”


Ngakusasa ekuseni badlula bawubona umkhiwane ubunile kusukela ezimpandeni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite