Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 21:17 - IsiZulu 2020

17 Wahamba, waphuma emzini, waya eBhethaniya, walala ubusuku lapho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Wayesebashiya, waphuma emzini, waya eBethaniya, walala khona.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

17 Wabashiya, waphuma emzini, waya eBethaniya; walala khona.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Wabashiya, waphuma emzini, waya eBethaniya; walala khona.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 21:17
16 Referans Kwoze  

IBhethaniya laliseduze neJerusalema, kungamastadiyu ali-15.


Kwakukhona othile owayegula, onguLazaru waseBhethaniya, isigodi okwakuhlala kuso uMariya nodadewabo uMartha.


Wayesebahola, baphuma baze bayofika eBhethaniya, waphakamisa izandla zakhe, wababusisa.


UJesu wangena eJerusalema, waya ethempelini. Esebuke nxazonke, waphuma. Kuthe sekuhlwile, waya eBhethaniya nabali-12.


Kwathi kungahlwa, baphumela ngaphandle komuzi.


Isizukulwane esibi nesiphingayo sifuna isibonakaliso, kepha asiyukunikwa sibonakaliso, kuphela isibonakaliso sikaJona, umphrofethi.” Wayesebashiya, wahamba.


Kwathi uJesu esesondele eBhethifage naseBhethani, ngasentabeni okuthiwa eYeminqumo, wathuma abafundi ababili,


Besahamba, wangena emzaneni othile; owesifazane mumbe, ogama lakhe nguMartha, wamemukela endlini.


Kwathi lapho besondela eJerusalema, naseBhethifage, naseBhethaniya ngaseNtabeni Yeminqumo, uJesu wayesethuma abafundi bakhe ababili,


UJesu nabafundi bakhe basuka baya ngasolwandle. Izixuku zamlandela, zivela eGalile naseJudiya,


Kuthe uJesu eseBhethaniya, endlini kaSimoni owayenochoko,


Noma bangakhulisa izingane zabo, kodwa ngiyakubephuca zona zonke. Maye impela kubo, lapho ngibafulathela!


Xwaya, Jerusalema, funa ngikufulathele, ngikwenze incithakalo, izwe okungahlalwa kulo.”


Kwathi eseseBhethaniya ehleli edla, endlini kaSimoni owayenochoko, kwafika owesifazane ephethe umfuma we-alabhaste wamafutha enadi lodwa, elibiza inani elikhulu. Wawuchoboza umfuma, wathela amafutha ekhanda likaJesu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite