Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 20:30 - IsiZulu 2020

30 Kwakuhleli izimpumputhe ezimbili ngasendleleni. Zathi zingezwa ukuthi uJesu uyadlula, zamemeza zathi: “Nkosi, Ndodana kaDavide, sihawukele!”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 Bheka, kwakuhlezi izimpumputhe ezimbili ngasendleleni; kuthe zizwa ukuthi uJesu uyadlula, zamemeza zathi: “Nkosi, Ndodana kaDavide, sihawukele!”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

30 Bheka, izimpumputhe ezimbili zihlezi ngasendleleni, zizwa ukuthi uJesu uyadlula, zamemeza, zathi: “Sihawukele, Nkosi, Ndodana kaDavide!

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

30 Bheka, izimpumputhe ezimbili zihlezi ngasendleleni, zizwa ukuthi uJesu uyadlula, zamemeza, zathi: “Sihawukele, Nkosi, Ndodana kaDavide!

Gade chapit la Kopi




Mathewu 20:30
21 Referans Kwoze  

Bafika eJerikho. Ngesikhathi uJesu ephuma eJerikho nabafundi bakhe nesixuku esikhulu, uBharthimewu owayeyimpumputhe eyisinqibi, eyindodana kaThimewu, wayehleli ngasendleleni.


wathi: “Nithini ngoKhristu na? Uyindodana kabani?” Bathi kuye: “EkaDavide.”


Kwase kufika kuye izimpumputhe, nezinyonga esesethempelini, waziphulukisa.


Izixuku ezazihamba phambili nezazimlandela zazimemeza zithi: “Hosana kuyo iNdodana kaDavide! Ubusisiswe ozayo egameni leNkosi. Hosana kweliphezulu!”


Ngakho-ke lokhu engumphrofethi, ekwazi ukuthi uNkulunkulu wafunga kuye ngesifungo ukuthi olibeni lokhalo lwakhe uyakubeka omunye esihlalweni sakhe sobukhosi.


Ngaleso sikhathi iNkosi yaphulukisa abaningi ababekhungethwe yizifo, nezinhlungu, nomoya ababi. Wavula namehlo ezimpumputhe eziningi, zabona.


“UMoya weNkosi uphezu kwami, ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu; ingithumele ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo, ukuvula amehlo ezimpumputhe, ukuhlenga abacindezelweyo,


Kwase kufika owesifazane waseKhanani evela emingceleni yakhona, wakhala wathi: “Ngihawukele, Nkosi, Ndodana kaDavide! Indodakazi yami ihlaselwe kabi yidimoni.”


Sidukuza sigudla udonga njengempumputhe, yebo, sidukuza siphumputha njengabangenamehlo; sikhubeka emini kungathi sekuhwalele; phakathi kwabaphilayo, sinjengabafileyo.


“Yizwani nina zithulu; bhekani nina zimpumputhe, ukuze nibone.


Izimpumputhe ngiyozihambisa ngendlela ezingayaziyo, ngiyozihola emikhondweni ezingayaziyo, ngiyophendula ubumnyama bube ngukukhanya phambi kwazo, amagebhugebhu ahlelembeke, lezi zinto engiyozenza, angiyukuyeka ngingazenzi.


Ngalolo lusuku izithulu ziyowezwa amazwi encwadi, amehlo ezimpumputhe ayobona ebumnyameni obuyisigayegaye.


USimakade uyawavula amehlo ezimpumputhe, zibone. USimakade uyabavusa abathotshisiweyo. USimakade uyabathanda abalungileyo.


Ekuhlwanyeleni kwakhe enye imbewu yawela ngasendleleni, kwafika izinyoni zezulu zayidla, zayiqeda.


Kepha isixuku sazikhuza, sathi azithule, kodwa zamemeza kakhulu kunakuqala, zithi: “Sihawukele, Nkosi, Ndodana kaDavide!”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite