Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 20:23 - IsiZulu 2020

23 Wathi kubo: “Kuyiqiniso, nizakusiphuza isitsha sami, kodwa ukuhlala ngakwesokunene nangakwesokhohlo sami, akusikho okwami ukuphana ngakho, kepha kungokwalabo abakulungiselelwe nguBaba.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Wathi kubo: “Yebo, nizakusiphuza isitsha sami, kepha ukuhlala ngakwesokunene sami nangakwesokhohlo akusikho okwami ukuphana ngakho, kodwa kungokwalabo abakulungiselwe nguBaba.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

23 Wathi kubo: “Impela nizakuphuza indebe yami, nibhapathizwe ngombhapathizo engibhapathizwa ngawo mina; kulabo abakulungiselweyo nguBaba.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Wathi kubo: “Impela nizakuphuza indebe yami, nibhapathizwe ngombhapathizo engibhapathizwa ngawo mina; kulabo abakulungiselweyo nguBaba.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 20:23
12 Referans Kwoze  

Mina Johane, umzalwane wenu nomhlanganyeli kanye nani ezinhluphekweni, nasembusweni nasekubekezeleni kuJesu, ngangisesiqhingini okuthiwa iPhatmose, ngenxa yezwi likaNkulunkulu nangenxa yobufakazi bukaJesu.


Wabulala ngenkemba uJakobe umfowabo kaJohane.


Kepha ukuhlala ngakwesokunene sami nangakwesokhohlo sami, akusikho okwami ukuba ngiphane ngakho, kodwa kungokwalabo abakulungiselelweyo.”


“INkosi iyakuthi kwabangakwesokunene sayo: ‘Zanini nina enibusiswe nguBaba, nidle ifa lombuso eniwulungiselweyo, selokhu kwasekelwa umhlaba.


Kepha kulotshiwe ukuthi: “Lokho iso elingakubonanga nendlebe engakuzwanga, okungaphumanga enhliziyweni yomuntu, uNkulunkulu wakulungisela labo abamthandayo.”


Uma-ke singabantwana, siyizindlalifa futhi; izindlalifa zikaNkulunkulu, nezindlalifa kanye noKhristu, uma nje sihlupheka kanye naye, ukuze futhi sikhazimuliswe kanye naye.


Kepha manje balangazelela lelo elihle kunalelo, okungukuthi elasezulwini. Ngakho uNkulunkulu akanamahloni ngabo ukuba abizwe ngoNkulunkulu wabo, ngokuba ubalungisele umuzi.


Manje ngiyathokoza ezinhluphekweni zami ngenxa yenu, ngokuba ngigcwalisa okusileleyo ezinhluphekweni zikaKhristu enyameni yami ngenxa yomzimba wakhe oyibandla,


Ithemba lethu ngani liqinile, sazi ukuthi njengabahlanganyela ezinhluphekweni, kanjalo ningabahlanganyeli nasenduduzweni.


UJesu waphendula, wathi kubo: “Yingokuba nina niphiwe ukwazi izimfihlakalo zombuso wezulu, kodwa bona kabakuphiwanga lokho.


Sebekuzwile lokhu abayishumi, bazithukuthelela izelamani ezimbili.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite