Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 20:2 - IsiZulu 2020

2 Esevumelene nezisebenzi ngodenariyu ngosuku, wazithumela esivinini sakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Esevumelene nezisebenzi ngodenariyu* ngosuku, wazithumela esivinini sakhe.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

2 Esevumelene nezisebenzi ngodenariyu ngosuku, wazithumela esivinini sakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Esevumelene nezisebenzi ngodenariyu ngosuku, wazithumela esivinini sakhe.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 20:2
24 Referans Kwoze  

Ngase ngizwa kusengathi yizwi phakathi kwezidalwa ezine lithi: “Imbenge kakolo ngodenariyu, nezimbenge ezintathu zebhali ngodenariyu, kodwa amafutha newayini ungakoni.”


nokuthi kwasebuntwaneni wayazi imibhalo engcwele, enamandla okuhlakaniphisa, kube yinsindiso ngokukholwa kuKhristu uJesu.


Ngakusasa wakhipha odenariyu ababili, wabanika umninindlu yezihambi, wathi kuye: ‘Mnakekele, zonke izindleko ezenzekayo ngaphezu kwalokhu, ngiyakukukhokhela zona uma sengibuya.’


Ngokuba uzakuba mkhulu emehlweni eNkosi; akayukuliphuza iwayini nophuzo olunamandla; uzakugcwaliswa nguMoya oNgcwele esesesiswini sikanina.


Ngitshengiseni uhlamvu lwemali yokuthela.” Base bemkhombisa udenariyu.


“Kepha waphendula wathi komunye wabo: ‘Mngani, angikuqoli; kanti asivumelananga yini ngodenariyu na?


“Kepha kwathi iphuma nje leyo nceku, yahlangana nenye yezinceku ezikanye nayo eyayiyikweleta odenariyu abayikhulu, yayibamba, yayiklinya, ithi: ‘Khokha lokho ongikweleta khona.’


Khumbula uMdali wakho ezinsukwini zobusha bakho, zingakafiki izinsuku ezimbi, neminyaka ingakasondeli oyothi ngayo: “Angithokozi.”


Ngonyaka wesishiyagalombili wokubusa kwakhe esengumfana, waqala ukufuna uNkulunkulu kaDavide, ukhokho wakhe. Kwathi ngonyaka we-12, waqala ukuhlambulula uJuda neJerusalema, wasusa izindawo eziphakemeyo, o-Ashera, izithombe ezibaziweyo, nezithombe ezibunjiweyo.


“Kuyakuthi sengikushiyile, uMoya kaSimakade ukuthathe ukuyise lapho ngingazi khona, lapho sengifika ngimbikela u-Ahabi, bese engakufumani, uyakungibulala, kepha mina, nceku yakho, ngiyamesaba uSimakade kwasebusheni bami.


USimakade waqhubeka wabonakala eShilo, ngokuba wazembula kuSamuweli ngezwi likaSimakade.


Umntwana uSamuweli wayemkhonza uSimakade, phambi kuka-Eli. Izwi likaSimakade lalingavamile ngalezo zinsuku, nombono wawuyivelakancane.


Umntwana uSamuweli waqhubeka wakhula, waba muhle kuSimakade nakubantu.


USamuweli wakhonza uSimakade kusukela esemncane. Wayegqoka ingubo yamahlombe eyenziwe ngelineni.


Wayesethi kubafundi bakhe: “Isivuno sikhulu, kodwa izisebenzi ziyingcosana.


“Ngokuba umbuso wezulu ufana nomuntu ongumninindlu, owaphuma ekuseni ukuyoqasha izisebenzi ukuba ziye esivinini sakhe.


“Waphuma futhi ngehora lesithathu, wabona abanye bemi esigcawini, bengenzi lutho;


Kepha Yena ekwazi ukuzenzisa kwabo wathi kubo: “Ningilingelani na? Lethani kimi udenariyu, ngiwubone.”


“Ngikhombiseni udenariyu; umfanekiso nombhalo kabani okuwo na?” Bathi: “OkaKhesari.”


“Kuthe lapho zifika ebeziqashwe ngehora le-11, kwaba yileso naleso sahola udenariyu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite