Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 20:15 - IsiZulu 2020

15 Angivunyelwe yini ukwenza engikuthandayo ngokungokwami na? Ngabe iso lakho libi, ngenxa yokuba ngiyephana na?’

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Angivunyelwe ukwenza engikuthandayo ngokungokwami na? Kumbe iso lakho libi, ngokuba mina ngimuhle na?’

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

15 Angivunyelwa yini ukwenza engikuthandayo ngokungokwami? Iso lakho libi, ngokuba mina ngimuhle?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Angivunyelwa yini ukwenza engikuthandayo ngokungokwami? Iso lakho libi, ngokuba mina ngimuhle?

Gade chapit la Kopi




Mathewu 20:15
24 Referans Kwoze  

Qaphelani ukuba ningabi nomcabango omubi enhliziyweni yenu, nithi: ‘Unyaka wesikhombisa, unyaka woyekelelo ususondele,’ bese nimbheka kabi umfowenu ompofu, ningabe nisamnika lutho. Kuyothi lapho ekhala kuSimakade ngani, lokho kube yisono sakho.


ukuphinga, umona, nabo bonke ububi, inkohliso, ukonakala okukhulu, iso elibi, ukuhlambalaza, ukuzidla, nobuwula.


Kepha uma iso lakho lilibi, umzimba wakho wonke uzakuba mnyama. Ngakho-ke uma ukukhanya okukuwe kungubumnyama, bukhulu kangakanani ubumnyama!


Njengokuba uyiphe amandla phezu kwabantu bonke, ukuze bonke oyiphe bona, ibaphe ukuphila okuphakade.


Nani nanifile ngenxa yeziphambeko nezono zenu,


kuye futhi sabelwa ifa, njengokuba sasikumiselwe ngaphambilini ngokwecebo lalowo owenza konke ngokwentando yakhe,


Ngubani okwenze waba ngcono kunabanye wena na? Yini onayo ongayiphiwanga na? Uma-ke uyiphiwe, pho kungani uzigabisa kube sengathi awuyamukeliswanga na?


Kepha abaJuda, bebona izixuku, bagcwala umona baqala ukuphikisana nokwakushiwo nguPawula futhi behlambalaza.


Kwathi ngaleso sikhathi uJesu wakhuluma wathi: “Ngiyakubonga Baba, Nkosi yezulu nomhlaba, ngokuba ukufihlile lokhu kwabahlakaniphileyo, nakulabo abanokuqonda, kodwa wakwambulela izingane.


Umuntu onomona uyashesha ukuceba, kodwa akazi ukuthi ubuphofu buyakufika kuye.


Ungadli ukudla koneso elibi, ungafisi izilovela zakhe,


Umuntu onokulunga phakathi kwenu, iso lakhe liyakuba libi kumfowabo, kumkakhe amthandayo, nakuyo insali yabantwana bakhe.


USimakade wathi: “Ngiyakudlulisa phambi kwakho bonke ubuhle bami, ngimemeze phambi kwakho igama likaSimakade, ngibe nomusa kulowo engithanda ukuba nomusa kuye, nesihe kulowo engithanda ukuba nesihe kuye.”


Bazalwane, ningakhonondi omunye ngomunye ukuze ningehlulelwa. Nango umehluleli umi ngasemnyango.


Wasizala ngezwi leqiniso ngokuthanda kwakhe, ukuze sibe ngamazibulo ezidalwa zakhe.


nalapho sasifile ngenxa yeziphambeko, wasiphilisa kanye noKhristu – ngomusa nisindisiwe.


“Ngingenzi yini kini ndlu ka-Israyeli njengoba umbumbi enza na?” kusho uSimakade. “Bhekani, njengebumba esandleni sombumbi, ninjalo esandleni sami, nina ndlu ka-Israyeli.


Thatha okungokwakho, uhambe; kepha ngiyathanda ukumholela nalo wokugcina njengokuba ngikuholele nawe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite