Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 2:11 - IsiZulu 2020

11 Zase zingena endlini, zabona umntwana nonina uMariya, zawa phansi, zakhuleka kuye. Zavula amagugu azo, zamkhunga ngezipho: igolide, amakha, nenhlaka.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Zase zingena endlini, zabona umntwana noMariya unina, zawa phansi, zakhuleka kuye, zavula amagugu azo, zamkhunga ngezipho: igolide namakha nenhlaka.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

11 Zase zingena endlini, zabona umntwana noMariya unina, zawa phansi, zakhuleka kuye; igolide, nenhlaka, nomure.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Zase zingena endlini, zabona umntwana noMariya unina, zawa phansi, zakhuleka kuye; igolide, nenhlaka, nomure.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 2:11
33 Referans Kwoze  

Ubuningi bamakameli buyakukusibekela, amakameli asemancane akwaMidiyani nase-Efa; bonke abaseShebha bayakuza, bethwele igolide nempepho, bememezele izindumiso zikaSimakade.


Amakhosi aseTharishishi nawaseziqhingini ayakuletha izipho. Amakhosi aseShebha naseSebha ayoletha izipho.


Baphuthuma baya khona, bafica uMariya, noJosefa, nomntwana elele emkhombeni.


“Uphi lowo ozelwe eyinkosi yabaJuda na? Ngokuba siyibonile inkanyezi yakhe empumalanga, ngakho-ke size ukuzokhuleka kuye.”


Wozani sikhuleke, sikhothame, siguqe phambi kukaSimakade, uMenzi wethu.


Mayiphile, bayinike igolide laseShebha, bayithandazele njalo, bayibusise usuku lonke.


Yafika eJerusalema iphelekezelwa yihele elikhulu, namakameli ethwele amakha, igolide eliningi, namatshe aligugu. Yathi ukuba ifike kuSolomoni yakhuluma naye konke okwakusenhliziyweni yayo.


isitsha segolide esingamashekeli ayishumi sigcwele impepho,


Ngawa phansi phambi kwezinyawo zayo, ngakhuleka kuyo. Yayisithi kimi: “Ungakwenzi lokho; ngiyinceku kanye nawe, nabazalwane bakho abaphethe ubufakazi bukaJesu; khuleka kuNkulunkulu, ngokuba ubufakazi bukaJesu bungumoya wokuphrofetha.”


Ababesesikebheni bakhuleka kuye, bathi: “Ngempela uyiNdodana kaNkulunkulu.”


Kuthe isiyithabathile incwadi, izidalwa ezine namalunga angama-24 awa athi mbo ngobuso phambi kweMvana, yilelo nalelo liphethe ihabhu, nezitsha zegolide zigcwele impepho eyimikhuleko yabangcwele.


Naye-ke wafika ngaleso sikhathi, wamtusa uNkulunkulu, wabatshela ngaye bonke ababebheke ukukhululwa kweJerusalema.


Kepha abantu abakhohlakele, bathi: “Uyakusisindisa kanjani lona na?” Bambukela phansi, abaze bamnika sipho, kodwa wazithulela nje.


Izitsha zegolide zili-12 zigcwele impepho, yileso naleso singamashekeli ayishumi ngokweshekeli lendawo engcwele. Lonke igolide elenza izitsha lalingamashekeli ayi-120.


Ayocaphuna kuwo kugcwale isandla, impuphu ecolisekileyo namafutha omnikelo wokusanhlamvu, nayo yonke inhlaka ephezu komnikelo wokusanhlamvu, akushise e-althare kube yisikhumbuzo sephunga elimnandi kuSimakade.


USimakade wathi kuMose: “Thatha amakha anuka kamnandi: inathafi, ishehelethe, ihelibena, namakha empepho ecwengekileyo.


Uyise u-Israyeli wathi kubo: “Uma kunjalo, yenzani lokhu: thathani okwekhethelo okuvela emhlabathini lapha, nikufake emasakeni enu, nifike nikuphe lowo muntu: ingcosana yebhalisamu, uju, amakha, inhlaka, amantongomane, nama-alimondi,


“Ngokuba kusukela ekuphumeni kwelanga lize liyoshona iGama lami likhulu phakathi kwezizwe. Kuzo zonke izindawo iGama lami lilethelwa impepho neminikelo ehlanzekileyo, ngokuba likhulu iGama lami ezizweni,” kusho uSimakade Wamabandla.


Zonke izingubo zakho ziqholwe ngemure nenhlaba nekhasiya. Imiqangala evela ezigodlweni zophondo lwendlovu iyakwethabisa.


Yangeni indodana, funa ithukuthele, bese nibhubha endleleni, ngokuba ulaka lwayo luvutha masinyane. Kepha babusisiwe bonke abaphephela kuyo.


Yanika inkosi amatalenta ayi-120 egolide, amakha amaningi kakhulu, namatshe ayigugu; akuzange kuphinde kufike amakha amaningi kangaka njengalawo indlovukazi yaseShebha eyawapha inkosi uSolomoni.


“Thatha izinongo zekhethelo: imure engamashekeli angama-500, isinamoni engama-250, ikalamu elinuka kahle elingama-250,


Ngubani lowaya oqhamuka ehlane, onjengesikhatha sentuthu, eqhole ngemure nangenhlaka, nangawo wonke amakha omthengisi na?


Ukuzalwa kukaJesu kwaba kanje: uMariya unina kaJesu wayesethenjiswe umendo uJosefa; bengakahlangani, uMariya watholakala esekhulelwe ngokukaMoya oNgcwele.


Zathi zingayibona inkanyezi, zathokoza ngokuthokoza okukhulu kakhulu.


Kwathi uJesu esakhuluma nezixuku, unina nabafowabo bema ngaphandle befuna ukukhuluma naye.


Kwafika noNikhodemu, owake wafika kuJesu ebusuku, yena-ke wayelethe ingxube yemure nenhlaba okungaba ngamalitha ayikhulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite