Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 19:8 - IsiZulu 2020

8 UJesu wathi kubo: “Ngenxa yobulukhuni benhliziyo yenu, uMose wanivumela ukuba nehlukane nabo omkenu, kodwa-ke kwakungenjalo kusukela ekuqaleni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Wathi kubo: “Ngenxa yobulukhuni benhliziyo yenu uMose wanivumela ukwahlukana nabo omkenu, kepha kusukela kwasekuqaleni kwakungenjalo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

8 Wathi kubo: “Ngenxa yobulukhuni benhliziyo yenu uMose wanivumela ukwala omkenu, kepha kwasekuqaleni kwakungenjalo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Wathi kubo: “Ngenxa yobulukhuni benhliziyo yenu uMose wanivumela ukwala omkenu, kepha kwasekuqaleni kwakungenjalo.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 19:8
14 Referans Kwoze  

Ngakho-ke indoda iyoshiya uyise nonina inamathele kumkayo babe nyamanye.


UJesu wayesethi kubo: “UMose wanibhalela lo myalo ngenxa yobulukhuni benhliziyo yenu.


Benza izinhliziyo zabo zaba lukhuni njengetshe, ukuba bangawuzwa umthetho namazwi uSimakade Wamabandla akuthumele ngoMoya wakhe ngesandla sabaphrofethi bakuqala; ngalokho uSimakade Wamabandla wathukuthela kakhulu.


Kepha lokhu ngikusho ngokuvunyelwa yini, anginishayeli umthetho.


Amadimoni amncenga, athi: “Uma usikhipha, sithumele singene emhlanjini wezingulube.”


UJesu waphendula, wathi kuye: “Vuma manje, ngokuba kusifanele ukugcwalisa kanjalo ukulunga konke.” Ngakho-ke wamvumela.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Yimani ezindleleni, nibone, nibuze ngemikhondo yasemandulo ukuthi ikuphi indlela enhle, nihambe kuyo, niyakufumana ukuphumula kwemiphefumulo yenu, kepha, bathi: ‘Asiyukuhamba kuyo.’


Ningayenzi lukhuni inhliziyo yenu njengaseMeribha, njengasosukwini lwaseMasa, ehlane,


UNowa nowakwakhe namadodana akhe nomkawo bangena emkhunjini ukuze baphephe ezikhukhuleni zikazamcolo.


Bathi kuye: “Pho uMose wayalelani ukuba akanikwe incwadi yesehlukaniso, alahlwe na?”


Namanje ngithi kini: yilowo nalowo olahla umkakhe kungengenxa yokuphinga, bese eganwa ngomunye, uyaphinga. Nalowo oganwa ngolahliweyo uyaphinga.”


Kamuva wabonakala kwabali-11, behlezi bedla. Wabasola ngokungakholwa kwabo, nangobulukhuni bezinhliziyo zabo, ngokuba bengabakholwanga labo ababembonile esevukile.


UDavide wathatha no-Ahinohama waseJizreyeli; baba ngomkakhe bobabili.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite