Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 19:16 - IsiZulu 2020

16 Nakho-ke sekusondela kuye othile, wathi: “Mfundisi, ngingenzani enhle ukuba ngibe nokuphila okuphakade na?”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Bheka-ke, kwasondela kuye othile, wathi: “Mfundisi, ngiyakwenzantoni enhle ukuba ngibe nokuphila okuphakade na?”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

16 Bheka, kwasondela omunye, wathi kuye: “Mfundisi Omuhle, ngizakwenzani okuhle, ukuze ngibe nokuphila okuphakade na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Bheka, kwasondela omunye, wathi kuye: “Mfundisi Omuhle, ngizakwenzani okuhle, ukuze ngibe nokuphila okuphakade na?

Gade chapit la Kopi




Mathewu 19:16
32 Referans Kwoze  

nizigcine othandweni lukaNkulunkulu, nilindele umusa weNkosi yethu uJesu Khristu oholela ekuphileni okuphakade.


ukuze yilowo nalowo okholwa yiyo abe nokuphila okuphakade.


Kepha siyazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ukuqonda namandla ukuze simazi oyiqiniso. Sikuye oweqiniso, iNdodana yakhe, uJesu Khristu. Lo nguNkulunkulu weqiniso nokuphila okuphakade.


Lokho kuphila kwabonakaliswa, sakubona, sifakaza ngakho, futhi sinishumayeza ngalokho kuphila okuphakade okwakukhona kuYise, kwabonakaliswa kithi.


“Labo-ke bayakuhamba, baye ekujezisweni okuphakade; kodwa abalungileyo, bayakuya ekuphileni okuphakade.”


ukuze sithi silungisiswe ngomusa wakhe, sibe yizindlalifa zokuphila okuphakade ngokwethemba.


Nasi-ke isithembiso Yena asethembisa sona: ukuphila okuphakade.


nasethembeni lokuphila okuphakade, uNkulunkulu ongawaqambi amanga akwethembisa zingakabi bikho izikhathi zaphakade,


Ngalokho bazibekela isisekelo esihle sesikhathi esizayo, ukuze bazuze ukuphila okuyikho.


Yilwa ukulwa okuhle kokukholwa, ubambelele ekuphileni okuphakade owabizelwa kukho, wakuvuma ukuvuma okuhle phambi kofakazi abaningi.


Wabakhiphela ngaphandle, wathi: “Banumzane, ngimelwe ukwenzani ukuba ngisindiswe na?”


ukuze njengalokhu isono sabusa ngokufa, kanjalo nomusa ubuse ngokulunga, kube ngukuphila okuphakade ngoJesu Khristu iNkosi yethu.


kulabo okuthe ngokubekezela ekwenzeni okuhle bayifuna inkazimulo nodumo nokungaboli, bafumana ukuphila okuphakade.


Lowo othanda ukuphila kwakhe, ulahlekelwa yikho; nozonda ukuphila kwakhe kulo mhlaba, uyakukulondela ukuphila okuphakade.


Ngizinika ukuphila okuphakade, azisoze zabhubha nanini, futhi akekho ongazihlwitha esandleni sami.


USimoni Phethro wamphendula, wathi: “Nkosi, siyakuya kubani na? Amazwi okuphila okuphakade akuwe.


“Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: okholwayo unokuphila okuphakade.


Nihlola imibhalo ngokuba nicabanga ukuthi kuyo nizothola ukuphila okuphakade, kanti-ke yiyo efakaza ngami.


Kepha lowo oyakuphuza amanzi engiyakumnika wona, akayikoma naphakade. Ngokuba amanzi engiyakumnika wona ayakuba kuye ngumthombo wamanzi aphuphumsayo, kube ngukuphila kwaphakade.”


Yilowo nalowo oshiye izindlu, noma abafowabo, noma odadewabo, noma uyise, noma unina, noma abantwana, noma amazwe ngenxa yegama lami, uyakwemukeliswa okuphindwe kayikhulu, adle ifa lokuphila okuphakade.


Abaningi abalele emhlabathini wothuli bayakuvuka, abanye bavukele ukuphila okuphakade, abanye bavukele ihlazo nokunengeka kwaphakade.


Kepha ngahawukelwa ngalokhu ukuze uKhristu uJesu akubonakalise kimi engingesikhulu isoni, konke ukubekezela kwakhe, ngibe yisibonelo kulabo abazakukholwa kuye, baze babe nokuphila okuphakade.


Kepha uJesu wababheka, wathi kubo: “Kubantu lokhu akunakwenzeka, kodwa kuNkulunkulu zonke izinto zingenzeka.”


Wayesebeka izandla phezu kwabo, qede wasuka lapho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite