Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 18:31 - IsiZulu 2020

31 “Izinceku ezikanye nayo zathi ukuba zikubone okwenzekileyo, zadabuka kakhulu, zahamba zayobika enkosini yazo konke okwenzekileyo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 “Izinceku ezikanye nayo zathi ukubona okwenzekileyo, zadabuka kakhulu, zaya zabika enkosini yazo konke okwenzekileyo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

31 Kwathi izinceku ezikanye nayo zibona okwenzekileyo, zadabuka kakhulu, zeza zabikela inkosi yazo konke okwenzekileyo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

31 Kwathi izinceku ezikanye nayo zibona okwenzekileyo, zadabuka kakhulu, zeza zabikela inkosi yazo konke okwenzekileyo.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 18:31
16 Referans Kwoze  

Thokozani nabathokozayo, nikhale nabakhalayo.


Khumbulani ababoshiweyo kube sengathi nani luqobo niboshwe kanye nabo, nibakhumbule nabaphethwe kabi, njengalokhu nani nisesemzimbeni.


UJesu waqalaza nxazonke ebabuka, ethukuthele, edabukile kakhulu ngenxa yobulukhuni bezinhliziyo zabo. Wayesethi kulowo muntu: “Yelula isandla sakho.” Waselula, saphiliswa isandla sakhe.


Kwathi lapho esondela, ewubona umuzi, wawukhalela.


“Inceku isibuyile, yayibikela inkosi yayo ngalokho. Umninindlu wathukuthela, khona wayesethi encekwini yakhe: ‘Phuthuma, uye emigwaqweni nasemihubheni yomuzi; ungenise lapha abampofu, abakhubazekile, izimpumputhe, nezinyonga.’


Sengathi ikhanda lami lingamanzi, namehlo ami ngumthombo wezinyembezi, ukuba ngikhalele ababuleweyo babantu bami imini nobusuku.


Kugobhoza imifula yamanzi emehlweni ami, ngokuba abawugcini umthetho wakho.


Lena yindaba kaJakobe nezizukulwane zakhe. Kwathi uJosefa eseneminyaka eyi-17, elusa umhlambi nabafowabo ababezalwa nguBhiliha noZilipha, abafazi bakayise, uJosefa wabika umbiko omubi ngabafowabo kuyise.


Lalelani abaniholayo, nibathobele, ngokuba balinda imiphefumulo yenu, futhi bayakuphendula ngayo, ukuze bakwenze lokhu ngokujabula bengakhonondi, ngokuba lokhu akunakunisiza.


Uma ngibona amambuka, ngiyadikibala, ngokuba awaligcini izwi lakho.


Nginamahloni ukuba ngisho lokhu, ngokuba kade sibuthakathaka, kodwa manje umuntu anesibindi ngakho – ngikhuluma ngobuwula, nami nginesibindi ngakho.


Lokho kwayephula umoya inkosi, kepha ngenxa yezifungo eyayizenzile, nangenxa yababehleli nayo esidlweni, yayaleza ukuba inikwe.


“Kepha kwathi iphuma nje leyo nceku, yahlangana nenye yezinceku ezikanye nayo eyayiyikweleta odenariyu abayikhulu, yayibamba, yayiklinya, ithi: ‘Khokha lokho ongikweleta khona.’


Kepha ayivumanga, kunalokho yahamba yayifaka ejele, ize isikhokhe sonke isikweletu sayo.


Inkosi yayo yayibiza, yathi kuyo: ‘Nceku embi, ngikuthethelele isikweletu sakho ngokuba ungincengile.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite