Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 18:28 - IsiZulu 2020

28 “Kepha kwathi iphuma nje leyo nceku, yahlangana nenye yezinceku ezikanye nayo eyayiyikweleta odenariyu abayikhulu, yayibamba, yayiklinya, ithi: ‘Khokha lokho ongikweleta khona.’

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 “Kepha kwathi isiphuma leyo nceku, yafumana enye yezinceku ezikanye nayo enecala kuyo lawodenariyu* abayikhulu, yayibamba, yayiklinya, yathi: ‘Khokha icala lakho.’

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

28 Kodwa leyonceku yasiphuma, yafica enye inceku kanye layo eyayimkweleda wabodenariyo abalikhulu, yambamba, yayikhama, yathi: Ngikhokhele okukweletayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

28 Kodwa leyonceku yasiphuma, yafica enye inceku kanye layo eyayimkweleda wabodenariyo abalikhulu, yambamba, yayikhama, yathi: Ngikhokhele okukweletayo.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 18:28
15 Referans Kwoze  

Esevumelene nezisebenzi ngodenariyu ngosuku, wazithumela esivinini sakhe.


“ ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Sekwanele we zikhulu, zikhulu zakwa-Israyeli! Yekani ukucindezela abantu ngobudlova; nehlulele ngobulungiswa nobuqotho, nikuyeke ukuxosha abantu bami,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.


Nansi indlela eniyolwenza ngayo: yilowo nalowo otsheleka umakhelwane noma umfowabo okuthile, uyokuyeka angabe esakubiza kuye, ngokuba kuyobe sekumenyezelwe uyekelelo lukaSimakade.


Bathi: ‘Sikuzileleni ukudla, ngoba awuboni na?’ ‘Sizithobeleni, ngoba awusinaki na?’ “Bhekani, ngosuku enizila ngalo, nenza enikuthandayo, nicindezele zonke izisebenzi zenu.


Uma abezizwe besilethela okuthengisayo noma yini okusanhlamvu ngesabatha, asiyukukuthenga ngesabatha noma ngaluphi usuku olungcwele, futhi asiyukuvuna ngonyaka wesikhombisa; sesule zonke izikweletu ngalowo nyaka.


Ngacabangisisa ngalolu daba, izikhulu nabaholi ngababeka icala, ngathi kubo: “Nina nonke nibakhokhisa inzalo abantu bakini.” Ngabiza ibandla elikhulu ukuba libhekane nabo.


Umuntu oswelayo kodwa acindezele abampofu, unjengemvula ekhukhula ingashiyi kudla.


Inkosi yaleyo nceku inesihe, yayikhulula, yayithethelela icala.


“Nokho inceku ekanye nayo yawa phansi, yayincenga yathi: ‘Ake ungibekezelele, ngizakukukhokhela.’


Wayesephendula, ethi kubo: “Bapheni nina ukudla.” Bathi kuye: “Sihambe yini siyothenga izinkwa zodenariyu abangama-200, sibaphe badle na?”


Ngokuba lawa mafutha ngabe athengisiwe ngodaneriyu abangaphezu kwama-300, kwaphiwa abampofu.” Base bemthukuthelela owesifazane.


“Umbolekisi othile wayenabantu ababili ababemkweleta. Omunye wayekweleta odenariyu abangama-500, omunye ekweleta odenariyu abangama-50.


Ngakusasa wakhipha odenariyu ababili, wabanika umninindlu yezihambi, wathi kuye: ‘Mnakekele, zonke izindleko ezenzekayo ngaphezu kwalokhu, ngiyakukukhokhela zona uma sengibuya.’


UFiliphu wamphendula, wathi: “Izinkwa zawodenariyu abangama-200 zingeke zanele ukuba kube yilowo nalowo athole okuncane.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite