Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 18:25 - IsiZulu 2020

25 Kepha engenalutho lokukhokha, inkosi yayala ukuba kuthengiswe ngaye, ngomkakhe, nabantwana bakhe nangakho konke ayenakho, ukuze kukhokhwe isikweletu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Kepha ingenalutho lokukhokha, inkosi yayala ukuba kuthengiswe ngayo, nangomkayo, nangabantabayo, nangakho konke enakho, kukhokhwe.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

25 Kodwa njengoba ingenalutho lokukhokha, inkosi yayala ukuba kuthengiswe ngaye, nomkayo, nabantwana, nakho konke anakho, kukhokhwe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Kodwa njengoba ingenalutho lokukhokha, inkosi yayala ukuba kuthengiswe ngaye, nomkayo, nabantwana, nakho konke anakho, kukhokhwe.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 18:25
9 Referans Kwoze  

Siyafana nabafowethu, nezingane zethu ziyafana nezabo, kodwa siphoqa amadodana ethu namadodakazi ethu ukuba abe yizigqila; asinamandla, amasimu ethu nezivini zethu manje sekungokwabanye.”


Owesifazane othile owayegane omunye wamadodana abaphrofethi, waya ku-Elisha wakhala, wathi: “Inceku yakho, indoda yami, ifile, uyazi ukuthi inceku yakho yayimesaba uSimakade. Kufike umtshelekisi, ufuna ukuzithathela abafana bami ababili ukuze babe yizigqila.”


Lokhu babengenalutho lokumkhokhela, wabaxolela bobabili. Imuphi kulaba oyakumthanda kakhulu na?”


“ ‘Uma umfowenu eba mpofu ehlala nawe, azithengise kuwe, awuyukumsebenzisa njengesigqila.


Ngathi kulo: “Sisanda kubahlenga ngokusemandleni ethu abafowethu abangabaJuda, abebekade bethengiselwe ezinye izizwe; manje senidayisa ngabafowenu, sekufanele sibathenge kini na?” Bathula bathi du, ngoba bengenamazwi okuphendula.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Iphi incwadi yesehlukaniso engimlahle ngayo? Ngumuphi konyoko engimxoshile, ngubani enginesikweletu naye, engithengise ngani kuye na? Bhekani, nathengiswa ngenxa yobubi benu, nangeziphambeko zenu; unyoko walahlwa.


uma uthenga isigqila somHebheru, masikusebenzele iminyaka eyisithupha, ngonyaka wesikhombisa siyakuhamba singesikhululekileyo, singakhokhi lutho.


Uma libanjwe emini kwabha, kuyoba yicala legazi phezu kwalo. Isela liyokhokha ngokuphindiwe; uma lingenalutho lokukhokha, kuyothengiswa ngalo ngenxa yokweba kwalo.


Kwathi eseqalile ukubala, kwalethwa kuye omunye owayekweleta amathalenta ayizi-10 000.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite