Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 18:12 - IsiZulu 2020

12 “Nicabangani ngalokhu na? Uma umuntu enezimvu eziyikhulu, bese kuduka eyodwa kuzo, akayukuzishiya yini ezingama-99 ezintabeni, ahambe ayofuna edukileyo na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 “Nithini na? Uma umuntu enezimvu eziyikhulu, kuduke enye kuzo, akazishiyi ezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye ezintabeni, ahambe ayofuna edukileyo, na?

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

12 Nicabangani? Uma umuntu enezimvu eziyikhulu, kuduke enye kuzo, akazishiyi ezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye, aye ezintabeni, afune edukileyo?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Nicabangani? Uma umuntu enezimvu eziyikhulu, kuduke enye kuzo, akazishiyi ezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye, aye ezintabeni, afune edukileyo?

Gade chapit la Kopi




Mathewu 18:12
17 Referans Kwoze  

Njengalokhu umelusi ewufuna umhlambi wakhe lapho uhlakazekile, kanjalo-ke ngiyakuzifuna izimvu zami, ngizihlenge kuzo zonke izindawo ezihlakazelwe kuzo ngosuku lwamafu nesigayegaye sobumnyama.


“Ezilahlekileyo ngiyakuzifuna, ngizibuyise ezidukileyo, ngibophe ezaphukileyo, ngiqinise ezigulayo, kodwa ezikhulupheleyo nezinamandla ngiyakuzibhubhisa; ngiyakuzinakekela ngobulungiswa.


Azisayukuba yimpango yabezizwe, nesilwane somhlaba asiyukuzidla, kepha ziyakuhlala ngokulondeka, zingesatshiswa muntu.


Izimvu zami bezizulazula kuzo zonke izintaba nakuwo wonke amagquma aphakemeyo. Yebo, izimvu zami zazihlakazekele ebusweni bonke bomhlaba, akwaba bikho ozifunayo nozicingayo.


Thina sonke sidukile njengezimvu; yilowo nalowo uphendukele endleleni yakhe. USimakade wehlisela phezu kwayo ububi bethu sonke.


ngokuba naninjengezimvu ezidukileyo, kodwa manje senibuyele kumelusi nomphathi wemiphefumulo yenu.


Ngakho-ke wathi kubo: “Ngubani kini othi enemvu eyodwa, bese iwela emgodini ngesabatha, ongeyibambe, ayikhiphe lapho na?


“Abantu bami babe yizimvu ezilahlekileyo; baphambukiswe ngabelusi babo, babazulazulisa ezintabeni, basuka entabeni, baya egqumeni, bayikhohlwa indawo yabo yokuphumula.


Ngiduka njengemvu elahlekileyo; funa inceku yakho, ngokuba angiyikhohlwa imiyalo yakho.


“Nina-ke nithini na? Umuntu wayenamadodana amabili; waya kweyokuqala wathi: ‘Mntanami, hamba uyosebenza namuhla esivinini.’


Ngikhuluma njengakubantu abakhaliphileyo; nqumani nina ngalokhu engikhushoyo.


wathi: “Nithini ngoKhristu na? Uyindodana kabani?” Bathi kuye: “EkaDavide.”


Izwi likaSimakade lafika ku-Eliya, umThishibhi, lathi:


Ezibuthakathaka aniziqinisi, egulayo aniyelaphi, elahlekileyo aniyicingi, kodwa niziphatha ngendlakadla.


Kuthi lapho eyithola, ngiqinisile ngithi kini, uthokoza kakhulu ngayo kunangalezi ezingama-99 ebezingadukile.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite