Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 17:20 - IsiZulu 2020

20 Wayesethi kubo: “Kungenxa yokukholwa kwenu okuncane. Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: uma ninokukholwa okungangembewu yesinaphi, niyakuthi kule ntaba: ‘Suka lapha, uye laphaya,’ iyakusuka, ngokuba akukho okuyakunahlula.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Wayesethi kubo: “Kungenxa yokukholwa kwenu okuncane. Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Uma ninokukholwa njengembewu yesinaphi, niyakuthi kule ntaba: ‘Suka lapha, uye laphaya,’ iyakusuka; akukho okuyakunahlula.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

20 UJesu wathi kubo: “Ngenxa yokungakholwa kwenu; futhi iyosuka; njalo kakukho okungenzeki kini.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 UJesu wathi kubo: “Ngenxa yokungakholwa kwenu; futhi iyosuka; njalo kakukho okungenzeki kini.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 17:20
19 Referans Kwoze  

INkosi yayisithi: “Uma beninokukholwa okungangohlamvu lwesinaphi, beningathi kulesi sihlahla somthombe: ‘Zimbuka, utshaleke olwandle,’ sinilalele.


“Ngiqinisile ngithi kini: yilowo nalowo oyakuthi kule ntaba: ‘Zimbuka uphonseke olwandle,’ engangabazi enhliziyweni yakhe, kodwa ekholwa ukuthi lokho akushoyo kuzokwenzeka, uyakukwenzelwa lokho.


Kepha uJesu wathi kubo: “Okungenzeki kubantu, kungenzeka kuNkulunkulu.”


Ngokuba akukho lutho olungenzeke kuNkulunkulu.”


UJesu wabaphendula, wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Uma nikholwa ningangabazi, aniyukwenza kuphela lokhu okwenzeke emkhiwaneni, kodwa noma nithi kule ntaba: ‘Zimbuka, uphonseke olwandle,’ lokho kuyakwenzeka.


UJesu wayesethi kuye: “Uthi: ‘Uma unamandla!’ Konke kuyenzeka kulowo okholwayo.”


Noma ngingaphrofetha, ngiqonde izimfihlakalo zonke, ngibe nokwazi konke, noma nginganokukholwa konke okungagudluza izintaba, kodwa uma ngingenalo uthando, angiyinto yalutho.


Wabuye wabatshela omunye umzekeliso, wathi: “Umbuso wezulu ufana nohlamvu lwesinaphi aluthatha umuntu waluhlwanyela ensimini yakhe;


UJesu wathi kuye: “Angikutshelanga yini ukuthi uma ukholwa, uzakubona inkazimulo kaNkulunkulu na?”


Singawufanisa nenhlamvu yesinaphu, ethi incane kunazo zonke izimbewu ezisemhlabeni,


Siyabona ukuthi babengeke bangene ngenxa yokungakholwa.


UJesu waphendula wathi: “Maye, kinina, sizukulwane esingakholwayo nesiphambeneyo; kuyoze kube nini nginani na? Kuyoze kube nini nginibekezelela na? Yiletheni lapha kimi.”


Omunye uphiwa ukukholwa nguye lowo Moya, omunye aphiwe iziphiwo zokuphulukisa nguye lowo Moya munye;


Sebehla entabeni, uJesu wabayala wathi: “Ningalokothi nitshele muntu ngalo mbono, ize ivuswe kwabafileyo, iNdodana yomuntu.”


UJesu wayesethi kubo: “Yini nesabe kangaka, nina eninokukholwa okuncane na?” Wavuka wayesewukhuza umoya nolwandle, kwaba nokuthula okukhulu.


Abafundi base beya kuJesu bebodwa, bathi: “Kungani thina singakwazanga ukulikhipha idimoni na?”


UJesu waphendula, wathi kubo: “Kholwani nguNkulunkulu.


UJesu wayesethi: “Woza.” UPhethro wehla-ke esikebheni, wahamba phezu kwamanzi, waya kuJesu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite