Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 16:4 - IsiZulu 2020

4 Isizukulwane esibi nesiphingayo sifuna isibonakaliso, kepha asiyukunikwa sibonakaliso, kuphela isibonakaliso sikaJona, umphrofethi.” Wayesebashiya, wahamba.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Isizukulwane esibi nesiphingayo sifuna isibonakaliso, kepha asiyikunikwa sibonakaliso, kuphela isibonakaliso sikaJona umprofethi.” Wabashiya, wamuka.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

4 Isizukulwane esibi nesiphingayo sifuna isibonakaliso; futhi kasiyikunikwa sibonakaliso, ngaphandle kwesibonakaliso sikaJona umprofethi. Wabashiya, wahamba.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Isizukulwane esibi nesiphingayo sifuna isibonakaliso; futhi kasiyikunikwa sibonakaliso, ngaphandle kwesibonakaliso sikaJona umprofethi. Wabashiya, wahamba.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 16:4
15 Referans Kwoze  

USimakade wathumela inhlanzi enkulu ukuba igwinye uJona. UJona wayesesiswini senhlanzi izinsuku ezintathu, nobusuku obuthathu.


Ngokuba yilowo nalowo onamahloni ngami nangamazwi ami kulesi sizukulwane esiphingayo nesonakeleyo, neNdodana yomuntu iyakuba namahloni ngaye lapho iza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi ezingcwele.”


UJesu wabubula emoyeni wakhe, wathi: “Lesi sizukulwane sifunelani isibonakaliso na? Ngiqinisile ngithi kini: lesi sizukulwane asiyukunikwa sibonakaliso.”


Bayekeni; bangabaholi abayizimpumputhe. Kepha uma impumputhe ihola enye impumputhe, zombili ziyakukhalakathela emgodini.”


USimakade wathi: “UMoya wami awuyukuhlala phakathi kwabantu kuze kube phakade, ngoba bayinyama nje. Iminyaka yabo yokuphila isizoba yi-120.”


Kepha bamphikisa, behlambalaza, wayesethintitha izingubo zakhe, wathi kubo: “Igazi lenu malibe phezu kwamakhanda enu, mina anginacala; kusukela manje ngizakuya kwabezizwe.”


Noma bangakhulisa izingane zabo, kodwa ngiyakubephuca zona zonke. Maye impela kubo, lapho ngibafulathela!


U-Efrayimi uzibandakanye nezithombe, myeke kanjalo.


Wafakaza nangamanye amazwi amaningi, ebancenga ethi: “Zisindiseni kulesi sizukulwane esonakeleyo.”


“Sondelani nina madodana abahlola imihlola, nina nzalo yesiphingi neyesifebe.


Izwi likaSimakade lafika kuJona, indodana ka-Amithayi, lathi:


Kuthe sebefike ngaphesheya, kwahlaluka ukuthi abafundi bakhe bakhohliwe ukuphatha izinkwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite