Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 16:21 - IsiZulu 2020

21 Kusukela lapho, uJesu waqala ukubachazela abafundi bakhe ukuthi kufanele aye eJerusalema, ahlushwe ngokuningi ngamalunga, nabaphristi abakhulu nezazimthetho, abulawe, kepha avuswe ngosuku lwesithathu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Kusukela kuleso sikhathi uJesu waqala ukubonisa abafundi bakhe ukuba umelwe ukuya eJerusalema, ahlushwe ngokuningi ngamalunga nangabapristi abakhulu nababhali, abulawe, kepha avuswe ngosuku lwesithathu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

21 Kusukela ngaleso sikhathi uJesu waqala ukubonisa abafundi bakhe ukuthi umelwe ukuya eJerusalema, ahlushwe ngokuningi ngamalunga nabapristi abakhulu nababhali, abulawe, avuswe ngosuku lwesithathu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Kusukela ngaleso sikhathi uJesu waqala ukubonisa abafundi bakhe ukuthi umelwe ukuya eJerusalema, ahlushwe ngokuningi ngamalunga nabapristi abakhulu nababhali, abulawe, avuswe ngosuku lwesithathu.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 16:21
31 Referans Kwoze  

kodwa ngithi kini: u-Eliya sewafika; nokho abamazanga, kodwa benza kuye abakuthandayo. Kanjalo neNdodana yomuntu izakuhlushwa yibo.”


bathi: “Nkosi, siyakhumbula ukuthi lo mkhohlisi esaphila, wathi: ‘Emva kwezinsuku ezintathu, ngizakuvuka.’


njengalokhu iNdodana yomuntu ingezelanga ukukhonzwa, kodwa ukukhonza nokunikela ngokuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.”


Kepha kuqala, kufanele ihlupheke ngokuningi, ilahlwe yilesi sizukulwane.


Wathi kubo: “Kulotshiwe kanje ukuthi uKhristu uzakuhlupheka, avuke kwabafileyo ngosuku lwesithathu.


Waqala ukubafundisa ngokuthi iNdodana yomuntu imelwe ukuhlupheka ngokuningi, ilahlwe ngamalunga, abaphristi abakhulu, nezazimthetho, ibulawe, kepha ivuke emva kwezinsuku ezintathu.


abonakala ngenkazimulo, ekhuluma naye ngohambo lwakhe okumele aluphothule eJerusalema.


Kwathi esakhuluma; kwafika uJuda, omunye wabali-12, ehamba nesixuku sabantu esikhulu siphethe izinkemba nezinduku, sivela kubaphristi abakhulu namalunga esizwe.


“Niyazi ukuthi emuva kwezinsuku ezimbili kuzakuba yiPhasika; iNdodana yomuntu izakukhashelwa ukuze ibethelwe esiphambanweni.”


Nakuba abaphristi abakhulu namalunga bemethwesa icala, kodwa Yena akaphendulanga.


Ngiqinisile ngithi kini: bakhona abanye kwabemi lapha, abangayukukuzwa ukufa, baze bayibone iNdodana yomuntu iza nombuso wayo.”


uSalu, u-Amoki, uHilikiya noJedaya. Labo babeyizinhloko zabaphristi nezabafowabo, emihleni kaJeshuwa.


Njengalokhu uJona wayesesiswini somkhomo izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu, kanjalo-ke neNdodana yomuntu iyakuba semathunjini omhlaba izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu.


UPhethro wagudluka naye, wayeseqala ukumkhuza, ethi: “Phinde, Nkosi, lokho akusoze kwenzeke kuwe.”


Sebehla entabeni, uJesu wabayala wathi: “Ningalokothi nitshele muntu ngalo mbono, ize ivuswe kwabafileyo, iNdodana yomuntu.”


Akekho lapha, ngokuba uvukile njengokusho kwakhe. Wozani nibone indawo lapho ebelele khona.


Wayesethi kubo: “Impela u-Eliya uyakubuya kuqala ukuze abuyisele konke, kodwa kulotshweni ngeNdodana yomuntu ukuthi izakuhlupheka ngokuningi, idelelwe na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite