Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 14:9 - IsiZulu 2020

9 Lokho kwayephula umoya inkosi, kepha ngenxa yezifungo eyayizenzile, nangenxa yababehleli nayo esidlweni, yayaleza ukuba inikwe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Inkosi yadabuka, kepha ngenxa yezifungo zayo nangenxa yababehlezi nayo ekudleni yayaleza ukuba inikwe,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 Inkosi yadabuka, nokho ngenxa yesifungo nangalabo ababehlezi nayo ekudleni yayala ukuba inikwe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Inkosi yadabuka, nokho ngenxa yesifungo nangalabo ababehlezi nayo ekudleni yayala ukuba inikwe.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 14:9
27 Referans Kwoze  

UJesu wathi kubo: “Hambani nitshele leyo mpungushe nithi: ‘Ngikhipha amadimoni, ngiphilise abagulayo, namuhla nakusasa, kuthi ngosuku lwesithathu ngipheleliswe.’


Inkosi yadabuka kakhulu, kodwa ngenxa yesifungo eyayisenzile nangenxa yalabo ababehlezi nayo esidlweni, ayithandanga ukwenqaba.


UHerode wayemesaba uJohane, emazi ukuthi uyindoda elungileyo, engcwele, futhi wayemvikela. Lapho uHerode emlalela uJohane wayesala ekhathazekile kakhulu, nokho wayethanda ukumlalela.


INkosi uHerode yezwa ngalokhu, ngokuba igama likaJesu lase lidumile. Kwakuthiwa uJohane uMbhabhadisi uvukile kwabafileyo, yingakho enza izimangaliso ezingaka kuye.


Kwathi nakuba ayefuna ukumbulala, kodwa wesaba abantu ngokuba babethi ungumphrofethi.


Ngaleso sikhathi uHerode, uMthethraki, wezwa kubikwa ngoJesu,


Ungasheshi ukhulume ngomlomo wakho, futhi ungayivumeli inhliziyo yakho iphimise izwi phambi kukaNkulunkulu, ngokuba Yena usezulwini, wena usemhlabeni, ngakho-ke mawabe mbalwa amazwi akho.


USawule wafunga wagomela kowesifazane, wathi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade, awuyukwethweswa cala ngalokho.”


UNkulunkulu makenze kanjalo kuzo zonke izitha zikaDavide, anezelele kulokho, uma ekuseni ngakusasa ngizoshiya noma oyedwa wesilisa ongowakhe.”


Omunye kubantu wathi: “Uyihlo ubafungisile nokubafungisa abantu, wathi: ‘Makaqalekiswe umuntu ozokudla ukudla namuhla.’ Abantu base bephelelwe ngamandla.”


Abantu bakwa-Israyeli babecindezelekile ngalolo lusuku, ngokuba uSawule wayebafungisile abantu, wathi: “Makaqalekiswe umuntu oyodla ukudla kungakahlwi, ngingakaziphindiseli ezitheni zami.” Akukho muntu owadla ukudla.


Abakwa-Israyeli babefungile eMizpha, bathi: “Akukho namunye phakathi kwethu oyoganisela abakwaBhenjamini indodakazi yakhe.”


Ekupheleni kwezinyanga ezimbili, yabuyela kuyise, owenza kuyo njengokwesifungo sakhe ayesenzile; yayingakaze ilale nandoda. Kwabe sekuvela isimiso kwa-Israyeli sokuba,


Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: nina nomkenu, nikhulume ngemilomo yenu, nakufeza ngezandla zenu, nithi: ‘Nakanjani, siyakuzifeza izithembiso zethu esizenzile, zokuba sishisele indlovukazi yezulu impepho, nokuyithululela iminikelo yokuphuzwayo.’ Qhubekani nezifungo zenu, nikwenze ngokweqiniso lokho enikwethembisile.


Kuthe eseyicebisile unina, yathi: “Ngiphe ngoqwembe ikhanda likaJohane, uMbhabhadisi.”


Yathumela, yamnquma uJohane ikhanda ejele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite