Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 14:31 - IsiZulu 2020

31 Masinyane uJesu welula isandla, wambamba, wathi kuye: “Wena onokukholwa okuncinyane, ungabazeleni na?”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 Masinyane uJesu welula isandla, wambamba, wathi kuye: “Awu, wena onokukholwa okuncinyane, ungabazeleni na?”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

31 Khona masinyane uJesu welula isandla, wambamba, wathi kuye: “Wena onokukholwa okuncane, ungabazeleni na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

31 Khona masinyane uJesu welula isandla, wambamba, wathi kuye: “Wena onokukholwa okuncane, ungabazeleni na?

Gade chapit la Kopi




Mathewu 14:31
23 Referans Kwoze  

Noma ngihamba ngikhungethwe ukuhlupheka, uyongilondoloza, uyokwelula isandla sakho ungivikele olakeni lwezitha zami, esokunene sakho singisindise.


UJesu wayesethi kubo: “Yini nesabe kangaka, nina eninokukholwa okuncane na?” Wavuka wayesewukhuza umoya nolwandle, kwaba nokuthula okukhulu.


U-Abhrahama wabiza igama laleyo ndawo ngokuthi: “KukwaSimakade uyabonelela,” njengoba kushiwo nanamuhla kuthiwa: “Entabeni kaSimakade kuyabonelelwa.”


Wayesethi kubo: “Kungenxa yokukholwa kwenu okuncane. Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: uma ninokukholwa okungangembewu yesinaphi, niyakuthi kule ntaba: ‘Suka lapha, uye laphaya,’ iyakusuka, ngokuba akukho okuyakunahlula.


Wabamba umntwana ngesandla, wathi kuye: “Thalitha khumi,” okungukuthi uma kuhunyushwa: “Ntombazana, ngithi kuwe, vuka!”


Esesondele kuye, wambamba ngesandla, wamsukumisa; umkhuhlane waphela; wabakhonza.


Kepha uJesu ekwazi abakucabangayo, wathi: “Niqagulisana nithini phakathi kwenu, nina bokukholwa okuncane, nithi yingokuba ningenazinkwa na?


owenza ukuba ingalo yakhe emangalisayo ihambe ngakwesokunene sikaMose, owehlukanisa amanzi phambi kwabo, ukuba azenzele igama eliphakade;


wena welule isandla sakho ukuphulukisa, ukwenza izibonakaliso nezimangaliso ngegama leNceku yakho engcwele uJesu.”


bethi: “Nembala iNkosi ivukile, izibonakalisile kuSimoni.”


Kepha hambani nibikele abafundi bakhe noPhethro ukuthi uzakunandulela ukuya eGalile. Kulapho-ke nizakumbona khona, njengalokhu ayenitshelile.”


“Ngiqinisile ngithi kini: yilowo nalowo oyakuthi kule ntaba: ‘Zimbuka uphonseke olwandle,’ engangabazi enhliziyweni yakhe, kodwa ekholwa ukuthi lokho akushoyo kuzokwenzeka, uyakukwenzelwa lokho.


UJesu egcwele isihawu, welula isandla sakhe, wamthinta, wathi kuye: “Ngiyathanda; hlambuluka.”


Uma uNkulunkulu embathisa kanjalo utshani basendle obukhona namuhla, ngomuso buphonswe eziko, akayukunembathisa yini kakhulu nina eninokukholwa okuncane na?


“USimakade uyobehlulela abantu bakhe, abe nesihawu ezincekwini zakhe, lapho ebona ukuthi amandla abo aphelile, akusekho oboshiweyo nokhululekileyo.


Ngalokho ngithanda ukuba amadoda akhuleke ezindaweni zonke, ephakamise izandla ezingcwele, engenalulaka nakuphikisana.


Nina nilondolozwa ngamandla kaNkulunkulu ngokukholwa, kube yinsindiso eyakwambulwa ngesikhathi sokugcina;


Kepha kuthe ebona umoya onamandla, wesaba; eseqala ukucwila wakhala wathi: “Nkosi, ngisindise!”


Sebegibele esikebheni, umoya wathula.


Wayesethi kubo: “Yini nibe ngamagwala na? Anikabi nakukholwa namanje na?”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite