Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 14:19 - IsiZulu 2020

19 Wayeseyala izixuku ukuba zihlale phansi otshanini, wathatha izinkwa ezinhlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wakubusisa, wakuhlephula, wakunika abafundi, baphakela izixuku.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Wayeseyala izixuku ukuba zihlale phansi etshanini, wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula, wabanika abafundi izinkwa, abafundi baphakela izixuku.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

19 Wayala isixuku ukuba sihlale phansi etshanini, wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula, wazinika abafundi izinkwa, abafundi baphakela izixuku.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Wayala isixuku ukuba sihlale phansi etshanini, wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula, wazinika abafundi izinkwa, abafundi baphakela izixuku.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 14:19
24 Referans Kwoze  

Kuthe esehleli nabo sebezokudla, wathatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wabanika sona.


Lapho ningena nje emzini niyomfumana, engakenyukeli endaweni ephakemeyo ukuyokudla; ngokuba nabantu abayukudla engakafiki, ngoba nguye obusisa umhlatshelo andukuba abamenyiweyo badle. Khuphukani khona manje, nizomthola ngalesi sikhathi.”


Esekushilo lokho wathatha isinkwa, wabonga uNkulunkulu phambi kwabo bonke, wasihlephula, waqala ukudla.


Wazithatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula izinkwa, wazinika abafundi ukuba bazabele abantu; nezinhlanzi ezimbili wababela bonke zona.


yabonga, yasihlephula, yathi: “Lokhu kungumzimba wami ohleshulelwe nina; kwenzeni lokhu ukuba ningikhumbule.”


Ohlonipha usuku uluhloniphela iNkosi, nodlayo udlela iNkosi, ngokuba ubonga uNkulunkulu, nongadliyo, akadli ngenxa yeNkosi, naye ubonga uNkulunkulu.


Konke enikwenzayo, noma kungezwi noma kungomsebenzi, kwenzeni konke egameni leNkosi uJesu, nimbonge uNkulunkulu uYise ngaye.


Indebe yesibusiso esiyibusisayo, ayisiyo yini inhlanganyelo yegazi likaKhristu na? Isinkwa esisihlephulayo asiyiyo yini inhlanganyelo yomzimba kaKhristu na?


Lapho kwakukhona amadoda ayelinganiselwa ezi-5 000. Wathi kubafundi bakhe: “Bahlaliseni ngamaqembu angama-50.”


wabheka ngasezulwini, wabubula, wathi kuso: “Efatha!” okungukuthi: “Vuleka!”


Ngakho-ke noma niyadla, noma niyaphuza, noma nenzani nje, konke kwenzeleni udumo lukaNkulunkulu.


Kwafika ezinye izikebhe zivela eThibheriya zema eduze nendawo lapho babedle khona isinkwa emuva kokuba iNkosi isibongile.


Wabayala ukuba bonke bahlale phansi otshanini obuluhlaza, izigaba ngezigaba.


Balisusa-ke itshe. UJesu waphakamisa amehlo akhe, wathi: “Baba, ngiyakubonga, ngokuba ungizwile.


Wayesethabatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wabanika sona, ethi: “Lokhu kungumzimba wami onikelelwe nina; yenzani lokhu ukuba ningikhumbule.”


Wazithatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula, wazinika abafundi ukuba bazabele isixuku sabantu.


Wayesethi: “Kuletheni lapha kimi.”


Wathabatha indebe, wabonga wathi: “Thabathani lokhu, nabelane;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite