Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 13:47 - IsiZulu 2020

47 “Umbuso wezulu ufaniswa futhi nenetha elaphonswa olwandle, lawola inhlanganisela yezinhlanzi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

47 “Futhi umbuso wezulu ufana nenetha elaphonswa elwandle, lihlanganisa zonke izinhlobo;

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

47 Futhi umbuso wezulu ufana nenetha elaphonswa olwandle, labutha zonke izinhlobo;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

47 Futhi umbuso wezulu ufana nenetha elaphonswa olwandle, labutha zonke izinhlobo;

Gade chapit la Kopi




Mathewu 13:47
33 Referans Kwoze  

Uma umuntu engahlali kimi, ulahlwa ngaphandle njengegatsha, abune. Lawo magatsha bayawabutha, bawaphonse emlilweni, ashe.


“Nakuyo ingelosi yebandla laseSardesi loba, ukuthi: “ ‘Nakhu akushoyo onoMoya abayisikhombisa bakaNkulunkulu nezinkanyezi eziyisikhombisa, uthi: ngiyayazi imisebenzi yakho nokuthi unegama lokuthi uyaphila kanti ufile.


UJesu wathi kubo: “Ngilandeleni. Ngizakunenza abadobi babantu.”


Kukhona abazalwane mbumbulu abangena isinyenyela bezokuba yizinhloli zenkululeko esinayo kuKhristu uJesu, ukuze basenze izigqila.


Ngangisendleleni njalo, ngisengozini emifuleni, kubaphangi, kubantu bakithi, kwabezizwe, ngisengozini emzini, ngisengosini ehlane, olwandle, ngisengozini nakubazalwane bamanga.


naphakathi kwenu kuzakuvela amadoda akhuluma okudukisayo, ayenge abafundi ukuba bawalandele.


kanjalo noJakobe noJohane amadodana kaZebedewu ababesizana noSimoni. UJesu wathi kuSimoni: “Ungesabi; kusukela manje usuzakudoba abantu.”


Wathi kubo: “Wozani, ngilandeleni; ngiyakunenza abadobi babantu.”


Empeleni kufanele ukuba kube khona amaqembu phakathi kwenu, ukuze abaqotho bavele obala.


Yilelo nalelo gatsha elikimi, elingatheli izithelo, uyalisusa. Kepha yilelo nalelo elithela izithelo, uyalithena ukuze lithele kakhulu.


Abadobi bezinhlanzi bayakuma ogwini lolwandle, kusukela e-Eni Gedi kuya e-Eni Egilayimi; kuyakuba yindawo yokuphonsa amanetha, kudotshwe izinhlanzi ezinhlobonhlobo njengezinhlanzi zoLwandle Olukhulu, zibe ziningi kakhulu.


“Umbuso wezulu ufana nengcebo efihlwe ensimini, umuntu wayifumana, wayithukusa; wahamba ethokozile, wathengisa ngakho konke anakho, wayithenga leyo nsimu.


kuthi angalithola ipharele elilodwa lenani elikhulu, ahambe athengise ngakho konke anakho, alithenge.


Kuthe seligcwele, balidonsela ogwini, bahlala phansi, bakhetha ezinhle, bazifaka ezitsheni, kwathi ezimbi bazilahla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite