Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 13:30 - IsiZulu 2020

30 Kuyekeni kukhule kokubili ndawonye, kuze kuvunwe. Ngesikhathi sokuvuna ngiyakuyala abavuni ngithi: buthani kuqala ukhula, nilubophe izinyanda ukuze lushiswe, bese nibuthela amabele enqolobaneni yami.’ ”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 Yekani kukhule kokubili ndawonye, kuze kuvunwe; ngesikhathi sokuvuna ngiyakuthi kwabavunayo: Buthani kuqala ukhula, nilubophe izinyanda ukuba lushiswe, nibuthele amabele engotsheni yami.’ ”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

30 Kuyekeni kukhule kokubili ndawonye kuze kube sekuvuneni;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

30 Kuyekeni kukhule kokubili ndawonye kuze kube sekuvuneni;

Gade chapit la Kopi




Mathewu 13:30
20 Referans Kwoze  

Yena ombenge yakhe yokwela isesandleni sakhe; uzakushanelisisa isibuya sakhe, abuthele amabele enqolobaneni yakhe, kodwa amakhoba uzakuwashisa ngomlilo ongacimekiyo.”


Izono zabanye abantu zisobala, ziyabandulela, zibaholele ekwehlulelweni, kodwa abanye ziyabalandela.


Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ingakafiki iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni lokho okufihlakeleyo kobumnyama, izidalule izizindlo zezinhliziyo; kulapho-ke yilowo nalowo eyakuthola khona ukubongwa kuNkulunkulu.


Uma umuntu engahlali kimi, ulahlwa ngaphandle njengegatsha, abune. Lawo magatsha bayawabutha, bawaphonse emlilweni, ashe.


Niyakubuye futhi nehlukanise kahle phakathi kolungileyo nongalungile, phakathi kokhonza uNkulunkulu nongamkhonzi.”


Zonke izizwe ziyakubuthelwa phambi kwayo; ihlukanise abanye kwabanye, njengomelusi ehlukanisa izimvu nezimbuzi.


Lo oqoma lakhe lokwela lisesandleni sakhe, ukushanelisisa isibuya sakhe, abuthe ukolo awufake enqolobaneni yakhe; amakhoba awashise ngomlilo ongacimekiyo.”


“Kepha iNkosi iyakuthi kwabangakwesokhohlo sayo: ‘Dedani kimi, nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe.


Noma kusukuma umuntu ukuba akuxoshe efuna impilo yakho, umphefumulo wenkosi yami uyobe uboshiwe emshuqulwini wabaphilayo kuSimakade uNkulunkulu wakho. Imiphefumulo yezitha zakho uyakuyijikijela kungathi iphakathi kwendwayimana.


Kepha umuntu oyowathinta, uyohlonyiswa ngensimbi noma ngothi lomkhonto, aze ashiswe ngomlilo angqongqe khona lapho.”


Kuyoba njengomuntu evuna amabele emazimbeni asamile, nengalo yakhe ivuna izikhwebu, nanjengokhothozayo esigodini samaRefa.


kuthe abantu besalele, kwafika isitha sakhe, sahlwanyela ukhula phakathi kwamabele, qede sashaya sachitha.


“Kepha wathi: ‘Qha, funa nithi nxa nisiphula ukhula, nisiphule namabele kanye nalo.


Ungayethemba yini ukuthi ingayibuyisa imbewu yakho, iyibuthele esibuyeni sakho na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite