Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 13:19 - IsiZulu 2020

19 Yilowo nalowo ozwa izwi lombuso, angaliqondi, kufika omubi ahlwithe okuhlwanyelwe enhliziyweni yakhe. Leyo ngehlwanyelwe ngasendleleni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Yilowo nalowo olizwa izwi lombuso engaliqondi ufikelwa ngomubi ohlwitha okuhlwanyelwe enhliziyweni yakhe. Yilowo ohlwanyelwe ngasendleleni.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

19 Nxa yilowo nalowo olizwa izwi lombuso, engaliqondi, omubi uyeza, ahlwithe okuhlwanyelwe enhliziyweni yakhe. Nguye owahlanyelwa ngasendleleni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Nxa yilowo nalowo olizwa izwi lombuso, engaliqondi, omubi uyeza, ahlwithe okuhlwanyelwe enhliziyweni yakhe. Nguye owahlanyelwa ngasendleleni.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 13:19
36 Referans Kwoze  

Insimu yizwe, imbewu enhle yilabo abangabantwana bombuso; ukhula ngabantwana bomubi.


Ngakho-ke kufanele kakhulu ukuba sibambisisise lokho esikuzwileyo, funa siphambuke kukho.


Siyazi ukuthi yilowo nalowo ozelwe nguNkulunkulu akoni, ngokuba ozelwe nguNkulunkulu uyazigcina, nomubi akamthinti.


Walihamba lonke iGalile efundisa emasinagogeni abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephilisa abantu ezifweni zonke nasebuthakathakeni bonke.


kungabi njengoKhayini owaba ngowomubi, wabulala umfowabo; wambulalelani na? Ngokuba imisebenzi yakhe yayimibi, kodwa eyomfowabo ilungile.


Njengalokhu benqaba ukukubona, kuyinto enhle ukumazi uNkulunkulu, uNkulunkulu wabayekela ekungaqondini kwabo ukwenza okungemukelekile.


ukuba behlulelwe bonke abangakholwanga yiqiniso, kodwa bejabulela ukungalungi.


Ngokuba umbuso kaNkulunkulu awusikho ukudla nokuphuza, kodwa ungukulunga, ukuthula, nokuthokoza kuMoya oNgcwele;


Kepha kulabo okwathi ngenxa yokuzazi bona, abangalilalela iqiniso, kepha balalela ukungalungi, bayobhekana nolaka nentukuthelo.


Sebemmisele usuku, baya kuye endlini ngobuningi, wabacacisela efakaza ngombuso kaNkulunkulu, ebanxenxa ngoJesu ethathela emthethweni kaMose nakubaphrofethi, kusukela ekuseni kwaze kwaba kusihlwa.


“Manje ngiyazi ukuthi anisayukububona ubuso bami, nina nonke engahamba phakathi kwenu, ngishumayela umbuso.


kodwa uma kungukuqophisana ngamazwi, ngamagama nangomthetho wakini, ziboneleni nina. Mina angifuni ukuba ngumehluleli walokho.”


Kwathi lapho bezwa ngokuvuka kwabafileyo, abanye bahleka usulu, kodwa abanye bathi: “Siyophinde sikulalele ngalolu daba.”


Wathi uPilatu kuye: “Iqiniso liyini na?” Esekushilo lokho wabuye waphumela kubaJuda, wathi kubo: “Angifumani cala kuye.


Kwenziwa yini ukuba ningayizwisisi inkulumo yami na? Yingokuba anifuni ukuzwa izwi lami.


baphiliseni abagulayo abakuwo, nithi kubo: ‘Umbuso kaNkulunkulu ususondele kini.’


Wabathuma ukuba bashumayele ngombuso kaNkulunkulu nokuba baphilise abagulayo.


Abangasendleleni yilabo okuthi selihlwanyeliwe kubo izwi, balizwa, kodwa uSathane afike ngokushesha, alisuse izwi ebeselihlwanyelwe kubo.


Kepha izwi lenu malibe ngukuthi: yebo, yebo, noma qhabo, qhabo. Okudlula lapha kuvela komubi.


Yini ukuba isiwula sibe nemali yokuthenga ukuhlakanipha esandleni, sibe singenangqondo na?


Ukumesaba uSimakade kuyisiqalo sobuhlakani. Iziwula ziyakwedelela ukuhlakanipha nokuyalwa.


Kepha siyazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ukuqonda namandla ukuze simazi oyiqiniso. Sikuye oweqiniso, iNdodana yakhe, uJesu Khristu. Lo nguNkulunkulu weqiniso nokuphila okuphakade.


Mina engimncinyane kunabo bonke abangcwele, ngaphiwa lo musa wokushumayeza abezizwe ivangeli lengcebo kaKhristu engaphenyekiyo.


“ ‘ “Pho yimuphi umuthi wase-Edene ongalinganiswa nawe ngodumo nangobukhulu na? Nokho uyakwehliselwa phansi komhlaba nemithi yase-Edene, ulale nabangasokile nababulawe ngenkemba. Lowo-ke nguFaro, naso sonke isixuku sakhe,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.


Uma uSathane ekhipha uSathane, kusho ukuthi wehlukene yedwa. Pho umbuso wakhe uyakuma kanjani na?


Okuhlwanyelwe edwaleni, yilowo ozwa izwi, alamukele masinyane ngokuthokoza,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite