Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 12:46 - IsiZulu 2020

46 Kwathi uJesu esakhuluma nezixuku, unina nabafowabo bema ngaphandle befuna ukukhuluma naye.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

46 Esashumayela ezixukwini, bheka, unina nabafowabo babemi ngaphandle befuna ukukhuluma naye.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

46 Esakhuluma nesixuku, bheka, unina nabafowabo bema ngaphandle befuna ukukhuluma naye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

46 Esakhuluma nesixuku, bheka, unina nabafowabo bema ngaphandle befuna ukukhuluma naye.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 12:46
26 Referans Kwoze  

Lo akasiyo yini indodana yombazi? Unina akusiye yini uMariya, nabafowabo akusibo yini oJakobe, uJosefa, uSimoni noJuda na?


Emva kwalokho, wehlela eKhaphernawume: Yena nonina nabafowabo nabafundi bakhe, bahlala lapho izinsukwana ezimbalwa.


Phela ngisho abafowabo imbala babengakholwa nguye.


Abafowabo bakaJesu, bathi kuye: “Suka lapha, uye eJudiya, ukuze nabafundi bakho babone imisebenzi yakho oyenzayo.


Bonke laba baqinisela ekukhulekeni benhliziyonye bekanye nabesifazane, noMariya unina kaJesu, nabafowabo.


Lo akusiye yini umbazi, indodana kaMariya, nomfowabo kaJakobe, uJose, uJuda noSimoni na? Nodadewabo abekho yini lapha phakathi kwethu na?” Base bekhubeka ngaye.


Angibabonanga abanye abaphostoli ngaphandle kukaJakobe umnewabo weNkosi.


Asinalo yini ilungelo lokuhamba nomzalwanekazi ongumkethu njengabanye abaphostoli, abafowabo beNkosi, noKhefase na?


Kepha lapho abafowabo sebenyukele emkhosini, naye-ke wenyuka, hhayi ngokusobala kodwa isinyenyela.


Abazali bakhe bathi bengambona bamangala, unina wathi kuye: “Mntanami, ukwenzeleni lokhu kithi na? Uyihlo nami besikufuna, sikhathazekile.”


Wathi: “Nina ninikezwe ukuba nazi izimfihlakalo zombuso kaNkulunkulu, kodwa abanye batshelwa ngemizekeliso, ukuze kuthi bebona, kodwa bangabonisisi, bathi bezwa, kepha bangaqondi.


Akekho othungela isichibi esingashukekile engutsheni endala, funa lokhu okusha okuchitshelwe ngakho kuklebhule lokhu okudala, bese kwanda ukuklebhuka.


Unina wayesethi ezincekwini: “Yenzani noma yini azakunitshela yona.”


Uyise nonina bamangala ngalokho okukhulunywa ngaye.


Kwathi ngosuku lwesithathu, kwaba khona umshado eKhana eGalile. Unina kaJesu wayekhona lapho.


Wehla nabo, wafika eNazaretha, wabathobela. Kepha unina wawalonda wonke lawo mazwi enhliziyweni yakhe.


yathi: “Vuka uthathe umntwana nonina, uye kwa-Israyeli, ngokuba ababezingela impilo yomntwana sebefile.”


Zase zingena endlini, zabona umntwana nonina uMariya, zawa phansi, zakhuleka kuye. Zavula amagugu azo, zamkhunga ngezipho: igolide, amakha, nenhlaka.


Ukuzalwa kukaJesu kwaba kanje: uMariya unina kaJesu wayesethenjiswe umendo uJosefa; bengakahlangani, uMariya watholakala esekhulelwe ngokukaMoya oNgcwele.


Ngasesiphambanweni sikaJesu kwakumi unina, udadewabo kanina, uMariya umkaKleyophase, noMariya Magdalena.


Kwenzeka kanjani lokhu kimi ukuba ngihanjelwe ngunina weNkosi yami na?


Omunye wathi kuye: “Kukhona unyoko nabafowenu abami ngaphandle, bafuna ukukhuluma nawe.”


USimeyoni wababusisa, wathi kuMariya, unina: “Lo umiselwe ukuwa nokuvuka kwabaningi ku-Israyeli, nokuba yisibonakaliso esiphikwayo –


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite