Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 12:42 - IsiZulu 2020

42 Indlovukazi yaseningizimu nayo iyakuma nalesi sizukulwane ekwahlulelweni, isilahle ngecala. Ngokuba yasuka emikhawulweni yomhlaba izolalela ukuhlakanipha kukaSolomoni. Lapha kukhona okukhulu kunoSolomoni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

42 Inkosikazi yaseningizimu iyakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, isilahle; ngokuba yavela emikhawulweni yomhlaba izakuzwa ukuhlakanipha kukaSolomoni; bhekani, lapha kukhona okukhulu kunoSolomoni.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

42 Indlovukazi yaseningizimu iyakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, isilahle; ngokuba yavela emikhawulweni yomhlaba izokuzwa ukuhlakanipha kukaSolomoni; futhi bhekani, lapha kukhona omkhulu kunoSolomoni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

42 Indlovukazi yaseningizimu iyakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, isilahle; ngokuba yavela emikhawulweni yomhlaba izokuzwa ukuhlakanipha kukaSolomoni; futhi bhekani, lapha kukhona omkhulu kunoSolomoni.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 12:42
22 Referans Kwoze  

ULizwi waba ngumuntu, wahlala phakathi kwethu. Sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo yozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.


Esakhuluma, kwafika ifu elikhanyayo labemboza, kwezwakala izwi livela efwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo, engithokozile ngayo; yilaleleni.”


Akekho osewake wabona uNkulunkulu; nguNkulunkulu, iNdodana ezelwe yodwa, esesifubeni sikaYise embonakalisile.


Kwase kuzwakala izwi ezulwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo, engithokozile ngayo.”


Ngakho-ke iNkosi uqobo izokunika isibonakaliso: intombi izakukhulelwa, izale indodana, iyiqambe ngokuthi ngu-Imanuweli.


Wonke umhlaba wawufuna ukumbona uSolomoni ukuze uzwe ngokuhlakanipha kwakhe, uNkulunkulu akubeke enhliziyweni yakhe.


USimakade wamnika ukuhlakanipha uSolomoni njengokuba ayeshilo kuye. Kwakukhona ukuthula phakathi kukaHiramu noSolomoni; benza isivumelwano bobabili.


Kwafika abantu bevela ezizweni zonke ukuzozwa ukuhlakanipha kukaSolomoni, babevela kuwo wonke amakhosi omhlaba ayezwile ngokuhlakanipha kwakhe.


UNkulunkulu wamnika uSolomoni ukuhlakanipha nokuqonda okukhulu kakhulu, nengqondo esabalele okwesihlabathi esisogwini lolwandle.


U-Israyeli wonke wezwa ngaleso sehlulelo esasenziwe yinkosi, wayesaba inkosi ngokuba wabona ukuthi ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kwakunayo ekwehluleleni kwayo.


uyabona-ke, ngenzile njengokwezwi lakho. Ngikunika inhliziyo enokuhlakanipha nokuqonda; okungazange kube khona namunye owake wafana nawe phambilini, futhi okungayikuba bikho oyovela emva kwakho.


Ngakho-ke yiphe inceku yakho inhliziyo elalelayo ukuze ikwazi ukubusa abantu bakho, ikwazi ukwehlukanisa phakathi kokuhle nokubi, ngokuba ngubani ongabusa lesi sizwe sakho esikhulu kangaka na?”


Amadoda aseNineve ayakuma kanye nalesi sizukulwane ekwahlulelweni, asilahle ngecala, ngokuba aphenduka ngokushumayela kukaJona. Lapha kukhona okukhulu kunoJona.


Kepha ngithi kini: kukhona lapha okukhulu kunethempeli.


Futhi awuphesheya kolwandle ukuba ungathi: ‘Ngubani oyakusiwelela aye phesheya kolwandle, asilandele wona, ukuze siwuzwe, siwenze, na?’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite