Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 12:34 - IsiZulu 2020

34 Nzalo yezinyoka, ningakukhuluma kanjani okuhle nibe nibabi na? Ngokuba umlomo ukhuluma okuchichima enhliziyweni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

34 Nzalo yezinyoka, ningakhuluma kanjani okuhle nibabi na? Ngokuba umlomo ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

34 Nzalo yezinyoka, ningakhuluma kanjani okuhle nibabi na? ngokuba umlomo ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

34 Nzalo yezinyoka, ningakhuluma kanjani okuhle nibabi na? ngokuba umlomo ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 12:34
28 Referans Kwoze  

Umuntu omuhle uveza okuhle engcebweni yenhliziyo enhle, nomubi uveza okubi engcebweni embi, ngokuba umlomo wakhe ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.


Kepha okuphuma emlonyeni kuvela enhliziyweni; lokho-ke kuyamngcolisa umuntu.


Makungaphumi emlonyeni wenu nalinye izwi elibolileyo, kodwa kube ngelilungele ukwakha njengokuba kudingeka, ukuze libaphe umusa abezwayo.


Kunjengesaga sasendulo esithi: ‘Kwababi kuvela ububi,’ yingakho-ke nje isandla sami singeke sikubulale.


Ngalokho-ke bayabonakala abangabantwana bakaNkulunkulu nabangabantwana bakasathane; lowo ongakwenzi ukulunga akasiye okaNkulunkulu, nalowo ongamthandi umzalwane wakhe.


Umuntu omuhle ukhipha okuhle engcebeni yakhe enhle; nomuntu omubi ukhipha okubi engcebeni yakhe embi.


Nina-ke ningabakayihlo usathane, nithanda ukufeza izifiso zakhe. Yena wayengumbulali kwasekuqaleni, akami eqinisweni, ngokuba iqiniso alikho kuye. Uma ekhuluma amanga, usuke ekhuluma into yakhe, ngokuba ungumqambimanga noyise wamanga.


Ngokuba isiwula sikhuluma ubuwula, nengqondo yaso iceba ububi, yenza ukungalungi, ikhulume okuphambeneyo noNkulunkulu, ingamsuthisi olambileyo nowomileyo imncishe okuphuzwayo.


“Zinyoka, nzalo yamabululu, niyakukubalekela kanjani ukulahlwa esihogweni na?


Ubulungiswa bubuyiselwe emuva, nokulunga kuma le kude, ngokuba iqiniso liyakhubeka esigcawini, nobuqotho abukwazi ukungena.


abalola ulimi lwabo njengenkemba, bacibe imicibisholo yabo engamazwi ababayo,


Kepha kwathi lapho ebona abaFarisi nabaSadusi abaningi beza embhabhadisweni, wathi kubo: “Nzalo yezinyoka, ngubani onixwayise ukuba nibalekele intukuthelo ezayo na?


Ngakho-ke wayesethi ezixukwini eziza kuye ukuba azibhabhadise: “Nzalo yezinyoka, ngubani onixwayisile ukuba nibalekele intukuthelo ezayo na?


Akekho omemeza ngokulunga, akekho nowehlulela ngeqiniso; bethembela kokuyize, bakhuluma amanga; bakhulelwe ububi, bazala inkohlakalo.


Isiwula sithi enhliziyweni yaso: “Akekho uNkulunkulu.” Bonakele, benze izinto ezinengekayo eziphambene nobulungiswa. Akukho noyedwa owenza okuhle.


Badudana ngecebo elibi, bahlele ukucupha izingibe, bethi: “Siyobonwa ngubani na?”


Gcina inhliziyo yakho kukho konke okulondayo, ngokuba yona ingumthombo wokuphila.


Inhliziyo yohlakaniphileyo inikeza ukuqonda okujulile kokhulumayo, yenezele imfundiso ezindebeni zakhe.


Ngalokho-ke iNkosi ayithokozi ngezinsizwa zabo, ayinasihawu ezintandaneni nakubafelokazi bakhona. Ngokuba yilowo nalowo kubo engenabuNkulunkulu, abenzi bokubi, bonke bakhuluma ubuwula ngemilomo yabo; kukho konke lokhu intukuthelo kaSimakade ayibohli, nesandla sakhe sisashaya.


kanjalo nehlazo, nokubheda, nokulawula, okuyizinto ezingafanele; kodwa kunalokho, makube ngukubonga.


Ngokuba sonke siyakhubeka ngezindlela eziningi. Uma umuntu engakhubeki ngezwi alikhulumayo, lowo ungophelele impela, umuntu okwazi ukubamba umzimba wakhe wonke ngokungathi ngetomu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite