Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 12:32 - IsiZulu 2020

32 Yilowo nalowo oyakukhuluma izwi elimelene neNdodana yomuntu, uyakuthethelelwa; kodwa lowo oyakukhuluma izwi elimelene noMoya oNgcwele, akayukuthethelelwa kuleli lizwe nakwelizayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 Yilowo nalowo okhuluma izwi elimelene neNdodana yomuntu uyakuthethelelwa; kepha lowo okhuluma elimelene noMoya oNgcwele akayikuthethelelwa nakuleli zwe nakwelizayo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

32 Nalowo okhuluma izwi elibi ngeNdodana yomuntu uyakuthethelelwa;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

32 Nalowo okhuluma izwi elibi ngeNdodana yomuntu uyakuthethelelwa;

Gade chapit la Kopi




Mathewu 12:32
35 Referans Kwoze  

kepha lowo ohlambalaza uMoya oNgcwele kanakuthethelelwa naphakade, kodwa unecala lesono esingapheliyo.”


Wayekusho lokho ngoMoya abazakumamukela labo abakholwa nguye, ngokuba uMoya wayengakafiki, ngenxa yokuba uJesu wayengakakhazimuliswa.


nakuba ngangikade ngingohlambalazayo, nozingela amakholwa, nohluphayo. Kepha ngahawukelwa, ngokuba ngangikwenza ngokungazi nangokungakholwa.


uyasifundisa ukuba sidele ukungakholwa nezinkanuko zezwe, sihambe ngokuqonda, ngokulunga, nangokumesaba uNkulunkulu kulesi sikhathi samanje,


ngaphezu kakhulu kwakho konke ukubusa, negunya, namandla, nobukhosi, namagama wonke aphathwayo, kungekulesi sikhathi kuphela, kepha nakwesizayo.


Ngakho-ke phendukani, niguquke ukuba zithethelelwe izono zenu,


Noma ngubani okhuluma kabi ngeNdodana yomuntu, uyakuthethelelwa; kodwa ohlambalaza uMoya oNgcwele, akayukuthethelelwa.


Ngakho-ke ngithi kini: zonke izono zabantu nokuhlambalaza kuyakuthethelelwa, kodwa ohlambalaza uMoya akuyukuthethelelwa.


“Abangenakulunga enhliziyweni baqongelela ulaka, abakhali bacele usizo lapho ebabopha.


Lithembekile leli lizwi, futhi lifanele impela ukwemukelwa, elithi: uKhristu uJesu weza emhlabeni ukuzosindisa izoni, engingesikhulu mina kuzo.


Kwakukhona ukuvungazela okukhulu ngaye ezixukwini, abanye bethi: “Ungumuntu olungileyo.” Abanye bethi: “Qha, ukhohlisa isixuku.”


UJesu wathi: “Baba, bathethelele, ngokuba abakwazi abakwenzayo.” Babelana ngezingubo zakhe, benzelana unkatho.


ongayukwemukeliswa ngekhulu manje kulesi sikhathi: izindlu, abafowabo, odadewabo, onina, abantwana, amasimu, nokuhlushwa; esikhathini esizayo ukuphila okuphakade.


Baphendula, bathi kuye: “Kanti nawe ungowaseGalile yini na? Hlolisisa kahle umbhalo, ubone ukuthi akukho mphrofethi ovela eGalile.”


INdodana yomuntu ifike yadla, yaphuza, kepha nithi: ‘Bhekani lo umuntu oyisiminzi nenkolotshe, umngani wabathelisi nezoni.’


INdodana yomuntu yafika yadla, yaphuza, kodwa bathi: ‘Bhekani, umuntu oyisiminzi nenkolotshe, umngani wabathelisi nezoni.’ Kepha ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kubonakala ukuthi kuyiqiniso ngemiphumela yakho.”


Lo akasiyo yini indodana yombazi? Unina akusiye yini uMariya, nabafowabo akusibo yini oJakobe, uJosefa, uSimoni noJuda na?


UJesu wayesethi kuso: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke, kodwa iNdodana yomuntu kayinandawo lapho ingacamelisa khona ikhanda.”


Ngokuba iNdodana yomuntu iyinkosi yesabatha.”


Lokho okuhlwanyelwe emeveni, yilowo ozwa izwi, kuthi iminako yalesi sikhathi nokukhohlisa kwengcebo kuliminyanise izwi, abe ngongatheliyo.


Kepha isitha esaluhlwanyelayo nguSathane, ukuvuna kungukuphela kwesikhathi, abavuni yizingelosi.


Ngakho-ke njengalokhu ukhula lubuthwa lushiswe emlilweni, kuyakuba kanjalo ekupheleni kwezwe.


Ngiqinisile ngithi kini: abantwana babantu bayakuthethelelwa izono zonke nokuhlambalaza, noma ngabe kungakanani abangahlambalaza ngakho,


“Inkosi yayibabaza induna engathembekile, ngokuba yenza ngokuhlakanipha, ngokuba abantu balesi sikhathi esizukulwaneni sabo bahlakaniphile kunabantwana bokukhanya.


ongayukukwamukeliswa okuphindwe kaningi kulesi sikhathi, esikhathini esizayo, ukuphila okuphakade.”


ngokuba ukuvocavoca umzimba kusiza kancane, kodwa ukwesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke, futhi kunesithembiso kulokhu kuphila nakulokho okuzayo.


Bayale abacebileyo kuleli lizwe lamanje ukuba bangazikhukhumezi, bangathembeli engcebeni ephelayo, kodwa bathembele kuNkulunkulu osipha konke, ukuba sithokoze ngakho.


Ngokuba uDema wangishiya waya eThesalonikha ngenxa yokuthanda leli lizwe lamanje. UKhreske waya eGalathiya, uThithu waya eDalmathiya;


Ukukholwa okumhlophe nokungangcolisiwe phambi kukaNkulunkulu uBaba yilokhu: ukuhambela izintandane nabafelokazi osizini lwabo, nokuba umuntu azigcine engenacala lokwezwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite