Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 12:25 - IsiZulu 2020

25 UJesu ekwazi abakucabangayo, wathi kubo: “Yilowo nalowo mbuso owehlukene wodwa uyachitheka, nalowo nalowo muzi noma yindlu eyehlukene yodwa ayiyukuma.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Kepha uJesu ezazi izizindlo zabo wathi kubo: “Yilowo nalowo mbuso owahlukene wodwa uyachitheka, nalowo muzi nokuba indlu eyahlukene yodwa ingeme.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

25 UJesu eyazi imicabango yabo wathi kubo: “Yilowo nalowombuso owehlukene phakathi uyachitheka; futhi wonke umuzi noma indlu eyehlukene yodwa ayiyikuma.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 UJesu eyazi imicabango yabo wathi kubo: “Yilowo nalowombuso owehlukene phakathi uyachitheka; futhi wonke umuzi noma indlu eyehlukene yodwa ayiyikuma.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 12:25
18 Referans Kwoze  

Kepha uma nilumana, ninephulana nodwa, qaphelani, funa niqedane.


“Mina Simakade ngiyayiphenya inhliziyo, ngihlole nezinso; ukuba nginike yilowo nalowo njengokwezindlela zakhe, nanjengezithelo zezenzo zakhe.”


Ngokuba ngubani kubantu okwaziyo okomuntu, uma kungesiye umoya womuntu okuye na? Kanjalo-ke nokukaNkulunkulu akwaziwa muntu, kuphela nguMoya kaNkulunkulu okwaziyo.


UJesu eyazi imidlinzo yabo, wathi: “Yini nidlinze okubi ezinhliziyweni zenu na?


uManase uphendukele u-Efrayimi, u-Efrayimi waphendukela uManase, bobabili baphendukele uJuda. Kukho konke lokho ulaka lukaSimakade alubohlanga, nesandla sakhe usashaya ngaso.


Umuzi omkhulu wanqamuka kathathu, nemizi yabezizwe yawa. IBhabhiloni elikhulu lakhunjulwa phambi kukaNkulunkulu ukuba alinike isitsha sewayini lolaka lwakhe oluvuthayo.


Akukho lutho futhi oludaliweyo olungabonakali phambi kwakhe, kodwa konke kwambuliwe kwaba sobala emehlweni akhe, yena esiyakuzilanda kuye.


UJesu wakwazi ngaleso sikhathi emoyeni wakhe ezazidlinza ngakho, wayesethi kuzo: “Nidlinzelani ngalokhu ezinhliziyweni zenu na?


Uyakwazi ukuhlala kwami nokuma kwami, uqonda umcabango wami ukude.


Ngiyakubulala abantwana bakhe ngokufa; onke amabandla ayakukwazi ukuthi nginguye ophenya izingqondo, nezinhliziyo, futhi ngiyakumnika, yilowo nalowo wenu, ngokwemisebenzi yakhe.


UJesu wathi kuye okwesithathu: “Simoni kaJona, uyangithanda na?” UPhethro wadabuka, ngokuba wathi kuye ngokwesithathu: “Uyangithanda na?” Wathi kuJesu: “Nkosi, Wena wazi konke, uyazi ukuthi ngiyakuthanda.” UJesu wathi kuye: “Yondla izimvu zami.


Uyabona-ke, Yena owabumba izintaba, wadala umoya, Yena otshela abantu imicabango yakhe, owenza intathakusa ibe ngubumnyama, ohamba ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba, igama lakhe nguSimakade, uNkulunkulu Wamabandla.


Abantu bakwa-Israyeli baqembukelana, baba yizingxenye ezimbili. Enye ingxenye yabantu yalandela uThibhini, indodana kaGinathi, ukuze bambeke abe yinkosi. Enye ingxenye yalandela u-Omri.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite