Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 12:20 - IsiZulu 2020

20 Umhlanga ofecekileyo akayukuwaphula, umongo othunqayo akayukuwucima, aze aphumelelise ubulungiswa, bunqobe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Umhlanga ofecekileyo akayikuwaphula, umongo othunqayo akayikuwucima, aze aphumelelise ukwahlulela, kunqobe.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

20 Umhlanga ofecekileyo akayikuwuphula, nelineni eliqhumayo akayikuwucima, aze athumele ukwahlulela kube-ngukunqoba.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Umhlanga ofecekileyo akayikuwuphula, nelineni eliqhumayo akayikuwucima, aze athumele ukwahlulela kube-ngukunqoba.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 12:20
21 Referans Kwoze  

“Ezilahlekileyo ngiyakuzifuna, ngizibuyise ezidukileyo, ngibophe ezaphukileyo, ngiqinise ezigulayo, kodwa ezikhulupheleyo nezinamandla ngiyakuzibhubhisa; ngiyakuzinakekela ngobulungiswa.


“UMoya weNkosi uphezu kwami, ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu; ingithumele ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo, ukuvula amehlo ezimpumputhe, ukuhlenga abacindezelweyo,


Welapha abanhliziyo zephukile, abophe izilonda zabo.


Ngase ngibona: kwakukhona ihhashi elimhlophe, nogibele kulo ephethe umnsalo, wanikwa umqhele, waphuma ngokunqoba eya ukuyonqoba.


kodwa kunalokho, mthetheleleni, nimduduze, funa owenze lokho ahaqwe wusizi.


Usho kanje ophezulu nophakemeyo, ohlala kuze kube phakade, ogama lakhe lingoNgcwele, uthi: “Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele, nakulowo onomoya odabukileyo nothobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo, nokuphilisa izinhliziyo zabazisolayo.


Iminikelo kaNkulunkulu ingumoya owephukileyo. Nkulunkulu, awuyukuyidelela inhliziyo eyaphukileyo nedabukileyo.


Manje wena wethemba udondolo lwalo mhlanga ofecekileyo oyiGibhithe, okuthi uma umuntu ezimelela ngalo, lumhlabe esandleni sakhe, lusigwaze; unjalo-ke uFaro, inkosi yaseGibhithe, kubo bonke abamethembayo.


“Zanini kimi, nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, ngizakuniphumuza.


Iyokwelusa umhlambi wayo njengomelusi, iqoqe izimvana ngezingalo zayo, izigone esifubeni sayo, ihole ngesinono izindlezane.


Kepha makabongwe uNkulunkulu osihola njalo odwendweni lokunqoba ngoKhristu, nothaphukisa ngathi iphunga lokwazi kwakhe ezindaweni zonke.


Kwathi labo bafundi sebehamba, uJesu waqala ukukhuluma ezixukwini ngoJohane, wathi: “Naphuma naya ehlane niyobonani na? Umhlanga ontengantengiswa ngumoya na?


Esekuzwile lokho uMose, kwaba kuhle emehlweni akhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite