Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 11:21 - IsiZulu 2020

21 “Maye, kuwe Khorazini! Maye, kuwe Bhethsayida! Ngokuba ukuba le misebenzi yamandla eyenziwe kini, yayenziwe eThire naseSidoni, ngabe kudala yambatha isaka, yazithela ngomlotha, yaphenduka.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 “Maye kuwe Korazini! Maye kuwe Betsayida! Ngokuba uma kwakwenziwe eTire naseSidoni imisebenzi yamandla eyenziwe kini, ngakube kade yaphenduka ngesaka nangomlotha.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

21 Maye kuwe Korazini! maye kuwe, Betsayida! ngokuba uma yayenziwe eTire naseSidoni imisebenzi yamandla eyenziwe kini, ngabe kade baphenduka bembethe amasaka nangomlotha.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Maye kuwe Korazini! maye kuwe, Betsayida! ngokuba uma yayenziwe eTire naseSidoni imisebenzi yamandla eyenziwe kini, ngabe kade baphenduka bembethe amasaka nangomlotha.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 11:21
31 Referans Kwoze  

UHerode wayebathukuthelele abantu baseThire nabaseSidoni, kodwa beza kuye benhliziyonye. Kuthe sebevumelene noBlastu, induna yesigodlo senkosi, bacela ukuba babe nokuthula, ngokuba izwe lakubo lalondliwa ngelenkosi.


Laba-ke baya kuFiliphu, waseBhethsayida eGalile, bamcela, bathi: “Mnumzane, sicela ukubona uJesu.”


Sebebuyile abaphostoli, bamlandisa ngakho konke abakwenzileyo; wabathatha, wahamba nabo ngasese, baya emzini okuthiwa yiBhethsayida.


UJesu wayesephoqa ngokushesha abafundi bakhe ukuba bangene esikebheni, bamandulele ukuya phesheya eBhethsayida, aze yena ahlakaze isixuku.


UJesu esephumile lapho, wahamba, waya ezifundeni eThire naseSidoni.


ngakho-ke ngiyazenyanya, ngiyazisola, ngibhuquza othulini nasemlotheni.”


Maye, kubo, ngokuba bahamba endleleni kaKhayini, bagijimela nasephutheni likaBhalamu alenza ngenxa yomvuzo; babhubha njengoKhora owahlubukayo.


UFiliphu wayedabuka eBhethsayida, umuzi okwakuhlala kuwo u-Andreya noPhethro.


Wayesehla nabo, wema endaweni eyithafa nesixuku esikhulu sabafundi bakhe, noquqaba lwabantu ababevela kulo lonke iJudiya, eJerusalema, nangasolwandle iThire neSidoni,


Bafika eBhethsayida, baletha kuye impumputhe, bamncenga ukuba ayithinte.


UJesu esephumile futhi ezifundeni eThire, wadabula eSidoni, waya ngasolwandle iGalile, enqamula eDekhapholi.


eJerusalema nase-Idumiya, nangaphesheya kweJordani, naseThire naseSidoni. Isixuku esikhulu seza kuye lapho sesizwile ngakho konke ayekwenza.


“Maye, kulo izwe ngenxa yezikhubekiso! Ngokuba izikhubekiso zimelwe ukufika, kodwa maye kulowo muntu esiza ngaye isikhubekiso!


Nokho ngithi kini: kuyakuba ngcono kulo iThire neSidoni ngosuku lokwehlulelwa, kunakinina.


Ngakusasa safika echwebeni eSidoni, uJuliyase wamphatha kahle uPawula, wamvumela ukuba aye kubangani bakhe, anakekelwe kahle.


Kepha u-Eliya akathunyelwanga nakoyedwa wabo, kuphela kowesifazane ongumfelokazi, eZarephitha eSidoni.


UJesu wasuka lapho, waya ezifundeni eThire. Wangena endlini, nokho wayengathandi ukuba kube khona owaziyo ngalokho, kodwa akwenzakalanga ukuba akwazi ukuzifihla.


Impela iNdodana yomuntu izakuhamba njengokulotshiwe ngayo, kodwa maye, kulowo muntu iNdodana yomuntu ekhashelwa ngaye! Bekuyakuba ngcono kulowo muntu ukuba akazalwanga.”


Ukuphinga kwakho, nomsindo wokushabashabeka kwakho ukhanukela ukufeba, nezinengiso zakho; ngikubonile emagqumeni asendle. Maye, kuwe Jerusalema! Awuhlambulukile. Kuyoze kube nini na?”


“Ningifunani nje nina Thire neSidoni nazo zonke izifunda eFilistiya na? Kukhona yini enikhokhisa ngakho kimi na? Uma nizikhokhisela kimi, ngiyakusheshe ngibuyisele masinyane phezu kwamakhanda enu ukuzikhokhisela kwenu.


Usho kanje uSimakade uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabaseThire, impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka, ngokuba bathumba abantu ngothi lwabo babakhaphela ku-Edomi, bangasikhumbula isivumelwano sabafowabo.


Ngase ngibona lapho livula uphawu lwesithupha, kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, ilanga laba mnyama bhuqe njengendwangu eyisaka loboya, nenyanga yonke yaba njengegazi,


Ngiyakubanika igunya ofakazi bami ababili ukuba baphrofethe izinsuku eziyi-1 260, bembathiswe indwangu eyisaka.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite