Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 11:11 - IsiZulu 2020

11 “Ngiqinisile ngithi kini: akukho namunye osewake wavela kwabazelwe ngabesifazane omkhulu kunoJohane uMbhabhadisi; kodwa omncane embusweni wezulu, mkhulu kunaye.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 “Ngiqinisile ngithi kini: Kwabazelwe ngabesifazane akuvelanga omkhulu kunoJohane uMbhapathizi; kepha omncane embusweni wezulu mkhulu kunaye.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

11 Ngiqinisile ngithi kini: Kwabazelwe ngabesifazane akuvelanga omkhulu kunoJohane uMbhapathizi; kepha omncane embusweni wezulu mkhulu kunaye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngiqinisile ngithi kini: Kwabazelwe ngabesifazane akuvelanga omkhulu kunoJohane uMbhapathizi; kepha omncane embusweni wezulu mkhulu kunaye.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 11:11
31 Referans Kwoze  

“Ngithi kini: akukho namunye kwabazelwe ngowesifazane omkhulu kunoJohane, kepha omncinyane embusweni kaNkulunkulu, mkhulu kunaye.”


Mina engimncinyane kunabo bonke abangcwele, ngaphiwa lo musa wokushumayeza abezizwe ivangeli lengcebo kaKhristu engaphenyekiyo.


UJohane wafakaza ngaye, wamemeza wathi: “Lona nguye engikhulume ngaye ngathi: ‘Emva kwami kuza lowo omkhulu kunami, ngokuba wayekhona ngaphambi kwami.’ ”


“Ngakho-ke oweqa owodwa kule miyalelo emincinyane, afundise abantu kanjalo, uyakuthiwa omncinyane embusweni wezulu; kepha oyigcinayo, ayifundise, lowo uyakuthiwa mkhulu embusweni wezulu.


“Mina nginibhabhadisa ngamanzi, kube ngukuphenduka. Kepha oza emva kwami, unamandla kunami, engingafanele ukuthukulula izicathulo zakhe. Uzakunibhabhadisa ngoMoya oNgcwele nangomlilo.


wathi kubo: “Yilowo nalowo oyakwamukela lo mntwana egameni lami, wamukela Mina; ongamukelayo Mina, uyamamukela nongithumileyo, ngokuba omncinyane kini nonke nguye omkhulu.”


Mayelana nensindiso, abaphrofethi bafunisisa becwaningisisa ngomusa okwaphrofethwa ngawo ebenizakwenzelwa wona.


ngokuba uNkulunkulu wayesibonele okuhle kunalokho, ukuze bangapheleliswa ngaphandle kwethu.


Ngokuba mina ngingomncane kubaphostoli, engingafanele ukubizwa ngomphostoli, lokhu ngalihlupha ibandla likaNkulunkulu.


Ngakho-ke uma ninamacala alokhu kuphila, niyababeka yini abangenasithunzi ebandleni ukuba babe ngabehluleli na?


Abaningi beza kuye, bathi: “Impela uJohane akenzanga nasinye isibonakaliso, kodwa-ke konke uJohane akukhuluma ngalo muntu kuyiqiniso.”


Kufanele akhule Yena, kodwa mina nginciphe.


Impela ngazalelwa ebubini, umame wangikhulelwa esonweni.


Uyini umuntu ukuba angaba ngohlanzekileyo, nozelwe ngowesifazane ukuba abe ngolungileyo na?


Ngubani ongaveza okuhlanzekile kokungcolile na? Akekho noyedwa.


“Umuntu ozelwe ngowesifazane imihla yakhe mifushane, igcwele inkathazo.


UJohane wayeyisibani esivuthayo nesikhanyisayo. Nina-ke nakhetha ukuzijabulisa okwesikhashana ekukhanyeni kwakhe.


Lo ozayo emuva kwami, angifanele ngisho nokuthukulula umchilo wezicathulo zakhe.”


Ngalolo lusuku uSimakade uyakubavikela abakhileyo eJerusalema; okhubekayo kubo ngalolo lusuku uyakuba njengoDavide, indlu kaDavide ibe njengoNkulunkulu, ifane nengelosi kaSimakade phambi kwabo.


Wayekusho lokho ngoMoya abazakumamukela labo abakholwa nguye, ngokuba uMoya wayengakafiki, ngenxa yokuba uJesu wayengakakhazimuliswa.


Ngosuku uSimakade ayobopha ngalo amanxeba abantu bakhe, aphulukise izilonda abashaya zona; ukukhanya kwenyanga kuyoba njengokukhanya kwelanga, nokukhanya kwelanga kuphindwe kasikhombisa, kube njengokukhanya kwamalanga ayisikhombisa.


Pho umuntu angaba kanjani ngolungileyo kuNkulunkulu, nozelwe ngowesifazane, abe ngohlanzekileyo na?


“Ngakho-ke uSimakade uNkulunkulu wakho, uthi: ‘Impela ngasho ukuthi indlu yakho nekayihlo ziyongena ziphume ebukhoneni bami kuze kube phakade.


esasikade sihamba sonke phakathi kwabo ezinkanukweni zenyama yethu eyonakeleyo, senza intando yenyama eyonakeleyo neyemicabango; sasingabantwana bolaka ngokwemvelo njengabo bonke abanye.


kepha manje osubonakalisiwe ngokufika koMsindisi wethu uKhristu uJesu, owachitha ukufa, waletha ekukhanyeni ukuphila nokungabhubhi ngevangeli.


Ngokuba uzakuba mkhulu emehlweni eNkosi; akayukuliphuza iwayini nophuzo olunamandla; uzakugcwaliswa nguMoya oNgcwele esesesiswini sikanina.


Ngaleyo mihla kwavela uJohane uMbhabhadisi eshumayela ehlane eJudiya,


Nguye okulotshwe ngaye ukuthi: “ ‘Ngiyakuthuma isithunywa sami phambi kobuso bakho, esiyakulungisa indlela yakho, phambi kwakho.’


Kepha kusukela emihleni kaJohane uMbhabhadisi kuze kube manje, umbuso wezulu uyaphangwa, nabawuphangayo bayawuhlwitha.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite