Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 11:1 - IsiZulu 2020

1 Kwathi ukuba uJesu aqede ukuyala abafundi bakhe abali-12, wahamba lapho wayofundisa, futhi eshumayela emizini yakubo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kwathi ukuba uJesu aqede ukuyala abafundi bakhe abayishumi nambili, wamuka lapho ukuyofundisa nokushumayela emizini yabo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Kwathi uJesu eseqedile ukuyala abafundi bakhe abayishumi nambili, wamuka lapho ukufundisa nokushumayela emizini yakubo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kwathi uJesu eseqedile ukuyala abafundi bakhe abayishumi nambili, wamuka lapho ukufundisa nokushumayela emizini yakubo.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 11:1
19 Referans Kwoze  

Lelo lizwi lalithi: uNkulunkulu wamgcoba uJesu waseNazaretha ngoMoya oNgcwele nangamadla, owahamba enza okuhle, ephilisa bonke ababephansi kwamandla kaSathane, ngokuba uNkulunkulu wayenaye.


Emveni kwalokho, uJesu wahamba ephuma engena emizini nasemizaneni, ememezela, eshumayela ivangeli lombuso kaNkulunkulu. Abali-12 babenaye.


UJesu wahamba imizi yonke nemizana efundisa emasinagogeni abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephulukisa bonke abanezifo ezahlukene, nokugula konke.


Ngokuba nangesikhathi sisenani, saniyala ngalokhu, sathi: “Uma umuntu engathandi ukusebenza, makangadli.”


Kepha bazalwane, siyaniyala egameni leNkosi yethu uJesu Khristu ukuba nibagweme abazalwane abangamavila, abangawulandeli umyalo enawemukela kithi.


Ngokuba niyayazi imiyalo esaninika yona ngeNkosi uJesu.


Wasiyala ukuba sishumayele kubantu, sifakaze ukuthi nguye omiswe nguNkulunkulu ukuba abe nguMahluleli wabaphilayo nabafileyo.


kwaze kwaba wusuku akhushulwa ngalo, emva kokuba esebayalile ngoMoya oNgcwele abaphostoli ayebakhethile.


Nina ningabangani bami, inqobo nje uma nenza lokhu enginiyala ngakho.


Uma niyigcina imiyalo yami, niyakuhlala othandweni lwami, njengalokhu nami ngiyigcinile imiyalo kaBaba, ngihlala othandweni lwakhe.


Nibafundise ukukugcina konke enginiyale ngakho. Niyabona, Mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe.”


Kwathi uJesu eseqedile ukukhuluma la mazwi, izixuku zamangala ngokufundisa kwakhe,


Walihamba lonke iGalile efundisa emasinagogeni abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephilisa abantu ezifweni zonke nasebuthakathakeni bonke.


ukuba uwugcine lo myalo ungenasisihla, nakusoleka, kuze kube ngukubonakaliswa kweNkosi yethu uJesu Khristu,


Bahamba-ke beshumayela ukuba abantu baphenduke.


Kepha baqinisa kakhulu, bethi: “Ubhebhezela abantu, efundisa kulo lonke iJudiya, eqalile eGalile, waze wazofika lapha.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite