Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 10:6 - IsiZulu 2020

6 kodwa yanini ezimvini ezilahlekileyo zendlu ka-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 kodwa yanini kakhulu ezimvini ezilahlekileyo zendlu ka-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

6 Kodwa yanini kakhulu ezimvini ezilahlekileyo zendlu kaIsrayeli.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Kodwa yanini kakhulu ezimvini ezilahlekileyo zendlu kaIsrayeli.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 10:6
20 Referans Kwoze  

“Abantu bami babe yizimvu ezilahlekileyo; baphambukiswe ngabelusi babo, babazulazulisa ezintabeni, basuka entabeni, baya egqumeni, bayikhohlwa indawo yabo yokuphumula.


ngokuba naninjengezimvu ezidukileyo, kodwa manje senibuyele kumelusi nomphathi wemiphefumulo yenu.


UPawula noBharnabha bakhuluma ngesibindi, bathi: “Bekuswelekile ukuba izwi likaNkulunkulu lishunyayelwe kini kuqala, kepha njengalokhu nilinqaba, nizisholo nina ngokwenu ukuthi anifanele ukuphila okuphakade, bhekani-ke, sesiphendukela kwabezizwe.


Izimvu zami bezizulazula kuzo zonke izintaba nakuwo wonke amagquma aphakemeyo. Yebo, izimvu zami zazihlakazekele ebusweni bonke bomhlaba, akwaba bikho ozifunayo nozicingayo.


Thina sonke sidukile njengezimvu; yilowo nalowo uphendukele endleleni yakhe. USimakade wehlisela phezu kwayo ububi bethu sonke.


Ngiduka njengemvu elahlekileyo; funa inceku yakho, ngokuba angiyikhohlwa imiyalo yakho.


“UNkulunkulu eseyivusile iNceku yakhe wayithumela kini kuqala ukuba anibusise ngokuniphendula, kube yilowo nalowo aphenduke ebubini bakhe.”


Qaphelani ukuba ningadeleli namunye kulaba abancinyane, ngokuba ngithi kini: izingelosi zabo ezulwini zibubona njalo ubuso bukaBaba osezulwini.


ngifunga ngiyagomela,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade, “ ‘ “impela ngenxa yokuthi izimvu zami zaba yimpango, futhi zaba ngukudla kwazo zonke izilwane zasendle, lokhu zingenamelusi, nokuthi abelusi bami abangazange bazicinge, baba ngogombela kwesabo, bangazelusa izimvu zami,


kodwa ngamemezela kwabaseDamaseku kuqala, nakwabaseJerusalema, nakulo lonke iJudiya nakwabezizwe ukuba baphenduke, baguqukele kuNkulunkulu, benze imisebenzi efanele ukuphenduka.


Kepha bamphikisa, behlambalaza, wayesethintitha izingubo zakhe, wathi kubo: “Igazi lenu malibe phezu kwamakhanda enu, mina anginacala; kusukela manje ngizakuya kwabezizwe.”


Kushunyayelwe egameni lakhe ukuphenduka, kube ngukuthethelelwa kwezono ezizweni zonke; kuqalwe eJerusalema.


“Ezilahlekileyo ngiyakuzifuna, ngizibuyise ezidukileyo, ngibophe ezaphukileyo, ngiqinise ezigulayo, kodwa ezikhulupheleyo nezinamandla ngiyakuzibhubhisa; ngiyakuzinakekela ngobulungiswa.


“U-Israyeli ungumhlambi ohlakazekile; izingonyama zimxoshile. Eyokuqala emudlile, yinkosi yase-Asiriya, eyokugcina eqhoboze amathambo akhe, yinkosi yaseBhabhele.”


Ezibuthakathaka aniziqinisi, egulayo aniyelaphi, elahlekileyo aniyicingi, kodwa niziphatha ngendlakadla.


Ngokuba iNdodana yomuntu ize ukuzosindisa okulahlekileyo.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite