Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 10:41 - IsiZulu 2020

41 Owamukela umphrofethi ngokuba engumphrofethi, uyakuzuza umvuzo womphrofethi; nowamukela olungileyo ngokuba lowo elungile, uyakuzuza umvuzo wolungileyo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

41 Owamukela umprofethi ngegama lomprofethi uyakuzuza umvuzo womprofethi; nowamukela olungileyo ngegama lolungileyo uyakuzuza umvuzo wolungileyo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

41 Owamukela umprofethi egameni lomprofethi uyakwamukela umvuzo womprofethi; nowamukela olungileyo ngokuba olungileyo uyakwamukela umvuzo wolungileyo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

41 Owamukela umprofethi egameni lomprofethi uyakwamukela umvuzo womprofethi; nowamukela olungileyo ngokuba olungileyo uyakwamukela umvuzo wolungileyo.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 10:41
27 Referans Kwoze  

Ngokuba uNkulunkulu akasiye ongalungile ukuba akhohlwe ngumsebenzi wenu nothando enalubonakalisa egameni lakhe, lokhu ngokukhonza abangcwele, futhi enisalokhu niqhubeka nibakhonza.


Ziqapheleni nina, ukuze ningalahlekelwa yilokho esikusebenzeleyo, kunalokho namukele umvuzo opheleleyo.


Manje-ke lo mkamuntu mbuyisele endodeni yakhe, ngoba ingumphrofethi. Yona izokushwelezela uphile. Uma kodwa ungamphindiseli, yazi kahle ukuthi uzokufa nokufa, wena, nabo bonke abendlu yakho.”


Ngokuba uma ngikwenza lokho ngokuthanda kwami, nginomvuzo, kodwa uma kungesikho ukuthanda kwami, khona kungumsebenzi engiwuphathisiweyo.


Ngokuba iNdodana yomuntu iyakuza ngenkazimulo kaYise nezingelosi zayo; khona-ke iyakuvuza yilowo nalowo ngesenzo sakhe.


ukuze ungabonakali kubantu ukuthi uzilile, kodwa kuYihlo osekusithekeni; uYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza.”


Uyakhonza kini uGayu ongingenise kwakhe, mina nebandla lonke. Uyakhonza kini u-Erastu, umphathisikhwama womuzi, noKwartu, umzalwane.


Kepha nxa ukhuleka, ngena ekamelweni lakho, uthi usuvale umnyango wakho, ukhuleke kuYihlo osekusithekeni; uYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza.


Kuthe esebhabhadisiwe nabendlu yakhe, wasincenga wathi: “Uma nithi ngethembekile eNkosini, ngenani endlini yami, nihlale khona.” Wasehlula.


ukuze ukupha kwakho kube sekusithekeni; noYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza.”


“Kepha qaphelani, ningenzi ukulunga kwenu phambi kwabantu ukuze nibonwe yibo, funa ningabi nawo umvuzo kuYihlo osezulwini.


Tshelani abalungileyo ukuthi kuyobahambela kahle, ngokuba bayokudla izithelo zezenzo zabo.


Ngokuba yilowo nalowo ocelayo uyamukeliswa, nofunayo uyafumana, nongqongqothayo uzakuvulelwa.


“Bayakuphendula-ke nabo, bathi: ‘Nkosi, sakubona nini ulambile, noma womile, noma ungumfokazi, noma uhamba ze, noma ugula, noma usejele, sangakusiza na?’


“INkosi iyakubaphendula, ithi: ‘Ngiqinisile ngithi kini: lokhu eningakwenzanga komunye walabo abancinyane, anikwenzanga kimi uqobo.’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite