Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 10:17 - IsiZulu 2020

17 “Kepha xwayani abantu, ngokuba bayakunikhaphela ezigcawini zokwehlulela, banishaye emasinagogeni abo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 “Kepha xwayani abantu, ngokuba bayakunikhaphela emiphakathini, banishaye emasinagogeni* abo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

17 Kepha xwayani abantu, ngokuba bayakunikhaphela emiphakathini, banishaye emasinagogeni abo;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Kepha xwayani abantu, ngokuba bayakunikhaphela emiphakathini, banishaye emasinagogeni abo;

Gade chapit la Kopi




Mathewu 10:17
26 Referans Kwoze  

“Ngakho-ke ziqapheleni nina. Bayakunikhaphela emikhandlwini, nishaywe emasinagogeni, nimiswe phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo.


Ngalokho-ke bhekani, ngithumela kini abaphrofethi, abahlakaniphileyo nezazimthetho. Abanye niyakubabulala, abanye nibabethele, abanye nibashaye emasinagogeni enu, nibaxoshe imizi ngemizi.


Emasinagogeni wonke, kukaningi ngibajezisa, ngibaphoqa ukuba bahlambalaze; ngibathukuthelele kakhulu, ngibahlupha kwaze kwaba semizini yabezizwe.”


Bayakunikhipha emasinagogeni; yebo, isikhathi siyeza lapho bonke abanibulalayo beyakuthi basebenzela uNkulunkulu.


“Uma benihudulela emasinagogweni nakubabusi neziphathimandla ukuba nehlulelwe, ningakhathazeki ukuthi niyakuphendula kanjani, nokuthi niyakuthini.


Kepha Mina ngithi kini: yilowo nalowo othukuthelela umfowabo, uyakuba necala ayokwehlulelwa ngalo. Nalowo othi kumfowabo: ‘Silima,’ uyakuba necala emphakathini, nalowo othi: ‘Siwula,’ kumfowabo uyakuba necala, aphonswe esihogweni somlilo.


“Mina ngathi: ‘Nkosi, bayazi bona uqobo ukuthi yimina engangibabopha, ngibashaya emasinagogeni labo abakholwa nguwe,


Ningathembeli kumakhelwane, ningakholwa ngumngani. Qaphela okukhuluma ngomlomo wakho kulowo olala esifubeni sakho.


abanye balingwa, bajivazwa, bashaywa; yebo, baboshwa, bafakwa ejele.


Nawe-ke umxwaye, ngokuba wamelana kakhulu namazwi ethu.


Xwayani izinja, nixwaye izisebenzi ezimbi, nixwaye nabazisika imizimba.


Ngakho-ke abaphristi abakhulu nabaFarisi babiza umkhandlu, bathi: “Sizokwenzenjani ngokuba lo muntu wenza izibonakaliso eziningi na?


“Khona umuntu uyakukhaphela ekufeni umfowabo, noyise akhaphele umntwana wakhe. Yebo, abantwana bayakubavukela abazali babo, bababulale.


Abaphristi abakhulu nomkhandlu wonke bafuna ubufakazi obungamanga ngoJesu, ukuze bambulale.


Masinyane, abazalwane bamhambisa uPawula waze wayofika olwandle, kepha uSila noThimothewu basala lapho.


Bazakuyinikela kwabezizwe ukuba iklolodelwe, ishaywe, ibethelwe esiphambanweni, kodwa ngosuku lwesithathu izakuvuswa.”


Niyakuyiswa phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo nakwabezizwe.


wacela kuye izincwadi zokuya eDamaseku emasinagogeni, ukuze kuthi uma efumana abantu baleyo Ndlela, abesilisa nabesifazane, abayise eJerusalema beboshiwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite