Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Kwabase-Efesu 4:6 - IsiZulu 2020

6 munye uNkulunkulu, uYise wabo bonke, ophezu kwabo bonke, okubo bonke, futhi ophakathi kwabo bonke.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 munye uNkulunkulu, uYise wabo bonke, ophezu kwabo bonke, okubo bonke, ophakathi kwabo bonke.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

6 munye uNkulunkulu, noYise wabo bonke, ophezu kwabo bonke, okubo bonke, okini nonke.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 munye uNkulunkulu, noYise wabo bonke, ophezu kwabo bonke, okubo bonke, okini nonke.

Gade chapit la Kopi




Kwabase-Efesu 4:6
31 Referans Kwoze  

Ngokuba konke kuvela kuye, kukhona ngaye, kubuyela kuye; makube kuye inkazimulo kuze kube phakade. Amen.


kodwa kithina kukhona uNkulunkulu munye, uYise, okuvela konke kuye, futhi esiphilela Yena, neNkosi yinye, uJesu Khristu, okungaye kukhona konke, nathi sikhona ngaye.


“Kanti asinaBaba munye yini thina sonke na? Akamunye yini uNkulunkulu owasidalayo na? Pho sikhohlisanelani omunye nomunye, sihlambalaze isivumelwano sokhokho na?


UJesu wathi kuye: “Ungangithinti, ngokuba angikenyukeli kuBaba. Kepha hamba uye kubazalwane bami, ubatshele ukuthi ngenyukela kuBaba noYihlo, kuNkulunkulu wami noNkulunkulu wenu.”


Ogcina imiyalo yakhe uhlala kuye, naye uqobo uhlala kuye. Ngalokho siyazi ukuthi uhlala kithi ngaye uMoya oNgcwele asinike Yena.


Ngakho-ke anokhuleka kanje: “ ‘Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho;


Linakuvumelana kuni ithempeli likaNkulunkulu nezithombe na? Ngokuba thina siyithempeli likaNkulunkulu ophilayo njengalokhu uNkulunkulu, ethi: “Ngiyakuhlala phakathi kwabo, ngihambe phakathi kwabo. Ngiyakuba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.”


Kukhona imisebenzi eminingi eyehlukahlukene, kodwa uNkulunkulu munye osebenza kukho konke, nakubo bonke.


UMose no-Aroni bawa bathi mbo ngobuso phansi, bathi: “Nkulunkulu! Nkulunkulu! Mthombo wokuphila konke, usuzothukuthelela yonke inhlangano ngenxa yesono somuntu oyedwa nje?”


Wambusisa u-Abhrama wathi: “U-Abhrama makabusiswe nguNkulunkulu oPhezukonke, uMdali wezulu nomhlaba.


Ukuthula makube kubazalwane, nothando kanye nokukholwa okuvela kuNkulunkulu uYise naseNkosini uJesu Khristu.


UKhristu ahlale ezinhliziyweni zenu ngokukholwa, ukuze nigxile, nisekelwe othandweni,


okukuyo nani, nakhiwe ukuba nibe yindlu kaNkulunkulu ngoMoya.


Ngibazisile igama lakho, ngizakubazisa lona ukuba uthando ongithande ngalo lube kubo, nami ngibe kubo.”


UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina izwi lami. UBaba uyakumthanda; siyakuza kuye, sihlale naye.


ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi; ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.’


Ngokuba Wena unguBaba, nakuba u-Abhrahama engasazi, no-Israyeli engasivumi, kodwa Wena Simakade unguBaba; igama lakho unguMhlengi wethu waphakade.


Ngokuba uSimakade unguNkulunkulu omkhulu, uyiNkosi enkulu ngaphezu konkulunkulu bonke.


ngaphezu kakhulu kwakho konke ukubusa, negunya, namandla, nobukhosi, namagama wonke aphathwayo, kungekulesi sikhathi kuphela, kepha nakwesizayo.


“Yizwa, Israyeli: uSimakade uNkulunkulu wethu, uSimakade, munye.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite