Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Kwabase-Efesu 4:2 - IsiZulu 2020

2 ngokuthobeka nobumnene, ngokubheka kade, nibekezelelane ngothando,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 ngokuthobeka konke nobumnene, ngokubheka kade nokubekezelelana ngothando,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

2 ngokuthobeka konke, nobumnene, ngokubekezela, nibekezelelana ngothando;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 ngokuthobeka konke, nobumnene, ngokubekezela, nibekezelelana ngothando;

Gade chapit la Kopi




Kwabase-Efesu 4:2
28 Referans Kwoze  

lusibekela zonke izinto, lukholwa yizinto zonke, lubekezelela izinto zonke.


Kepha thina esinamandla sifanele ukuthwala ubuthakathaka balabo abangenamandla, singazithokozisi thina.


Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi, ngokuba ngimnene, ngithobile ngenhliziyo; yikhona imiphefumulo yenu iyakufumana ukuphumula.


Wena muntu kaNkulunkulu, baleka kulezo zinto, kodwa phokophelela ukulunga, ukwesaba uNkulunkulu, ukukholwa, uthando, ukubekezela nobumnene.


Izedeleli uyazedelela, kepha abathobekileyo ubapha umusa.


Kepha uMose wayengumuntu omnene kunabo bonke abantu ababesebusweni bomhlaba.


Nakuba uSimakade ephakeme, uyamnakekela ophansi; ozidlayo umazi ekude.


Kodwa mngcweliseni uKhristu njengeNkosi ezinhliziyweni zenu, nihlale nilindele ukubaphendula bonke abanibuza ngethemba eninalo.


ibayale ngomoya omnene abamelene nayo, hleze uNkulunkulu abanike ithuba lokuphenduka, baze balivume iqiniso,


Thwalisanani imithwalo yenu, niwugcwalise kanjalo umthetho kaKhristu.


njengalokhu asikhetha kuye ngothando ungakasekelwa umhlaba ukuba sibe ngcwele, singabi nasici phambi kwakhe.


Funani uSimakade nina nonke enithobekileyo bomhlaba, nina enenze izehlulelo zakhe, funani ukulunga, nifune ukuthobeka, mhlawumbe niyakukhoseliswa ngosuku lolaka lukaSimakade.


Ngikhonza iNkosi ngokuthobeka okukhulu, ngezinyembezi, nangokulingwa okwangehlela ngenxa yamacebo abaJuda.


Kungcono ukuba nomoya othobekileyo phakathi kwabahluphekayo, kunokuhlukaniselana impango nabazidlayo.


UJesu waphendula, wathi: “Maye, sizukulwane esingenakukholwa, kuyoze kube nini nginibekezelela na? Yiletheni kimi.”


Thokoza kakhulu ndodakazi yaseZiyoni, hlokoma ngenjabulo ndodakazi yaseJerusalema. Uyabona-ke, iNkosi yakho iza kuwe, ilungile, inqobile, ithobekile, igibele imbongolo, ithole, inkonyane yembongolokazi.


Usho kanje ophezulu nophakemeyo, ohlala kuze kube phakade, ogama lakhe lingoNgcwele, uthi: “Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele, nakulowo onomoya odabukileyo nothobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo, nokuphilisa izinhliziyo zabazisolayo.


Gibela ebukhosini bakho ngokunqoba, ngenxa yeqiniso, ukuthobeka nokulunga; isandla sakho sokunene masikufundise izenzo ezimangalisayo.


Ngakho-ke lahlani konke ukungcola nobubi okukini, namukele ngobumnene izwi elitshalwe kini, elinamandla okusindisa imiphefumulo yenu.


Singcono isiphetho sendaba kunesiqalo sayo; onomoya wokubekezela ungcono kunalowo onowokuzidla.


niqiniswe ngokuqiniswa konke ngokwamandla enkazimulo yakhe, ukuze nikwazi ukuqinisela kukho konke, nibekezela ngokujabula,


Okokugcina yibani nhliziyonye nonke, nizwelane, nithandane ngokwabazalwane, nibe nobubele nokuthobeka.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite