Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Kwabase-Efesu 3:4 - IsiZulu 2020

4 okuyothi uma niyifunda niqonde ukwazi kwami ngemfihlakalo kaKhristu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 okungakho, nxa nikufunda, ningaqonda ukwazi kwami ngemfihlakalo kaKristu,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

4 okungalokho, nxa nifunda, nibe nokuqonda ukwazi kwami emfihlakalweni kaKristu;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 okungalokho, nxa nifunda, nibe nokuqonda ukwazi kwami emfihlakalweni kaKristu;

Gade chapit la Kopi




Kwabase-Efesu 3:4
19 Referans Kwoze  

Nisikhulekele nathi ukuba uNkulunkulu asivulele umnyango wezwi ukuba sishumayele imfihlakalo kaKhristu engiboshwe ngenxa yayo,


Umuntu makasazi ukuthi siyizikhonzi zikaKhristu nabaphathi bezimfihlakalo zikaNkulunkulu.


Noma ngakolunye uhlangothi ngiyibhimbi lokukhuluma, nokho angisilo ngolwazi; lokho sikubonakalisa kinina ngezindlela zonke nasezintweni zonke.


Akuthandabuzwa ukuthi inkulu imfihlakalo yenkolo yethu yokuthi: Owabonakaliswa engumuntu nje, wafakazelwa nguMoya, wabonwa yizingelosi, washunyayelwa kwabezizwe, bakholwa nguye emhlabeni, wenyuselwa enkazimulweni.


ukuze izinhliziyo zabo zigqugquzeleke, behlanganisiwe othandweni, ukuze babe nengcebo yonke yokuqonda kweqiniso, bayazi imfihlakalo kaNkulunkulu enguKhristu;


ninginxusele nami ukuba ngiphiwe izwi nxa ngivula umlomo wami, ngize ngiyishumayele ngesibindi imfihlakalo yevangeli;


Le mfihlakalo inkulu, kepha ngikhuluma ngoKhristu nebandla.


esazisa imfihlakalo yentando yakhe ayimisile kuye ngokuthanda kwakhe,


Wathi: “Nina ninikezwe ukuba nazi izimfihlakalo zombuso kaNkulunkulu, kodwa abanye batshelwa ngemizekeliso, ukuze kuthi bebona, kodwa bangabonisisi, bathi bezwa, kepha bangaqondi.


kodwa agcine imfihlakalo yokukholwa ngonembeza omsulwa.


Noma ngingaphrofetha, ngiqonde izimfihlakalo zonke, ngibe nokwazi konke, noma nginganokukholwa konke okungagudluza izintaba, kodwa uma ngingenalo uthando, angiyinto yalutho.


UJesu waphendula, wathi kubo: “Yingokuba nina niphiwe ukwazi izimfihlakalo zombuso wezulu, kodwa bona kabakuphiwanga lokho.


Bazalwane, angithandi ukuba ningayazi le mfihlakalo, funa nizishaye abahlakaniphileyo: yazini ukuthi u-Israyeli usenziwe waba lukhuni okwamanje, kuze kupheleliswe isibalo sabezizwe.


Manje, kuye onamandla okuniqinisa ngokwevangeli lami nangentshumayelo kaJesu Khristu, ngokwambulwa kwemfihlakalo eyayifihliwe kusukela ngezikhathi zaphakade.


ukuthi wangambulela ngesambulo imfihlakalo, njengoba nganilobela kafushane ngaphambilini;


Ngikhanyisele bonke abantu ukuthi luyini uhlelo lwemfihlakalo ebifihliwe kwaphakade kuNkulunkulu owadala konke,


ngisho imfihlakalo ebifihlakele kusukela emandulo nasezizukulwaneni, kodwa manje yambuliwe kwabangcwele bakhe,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite